AmaHubo 8:3 - IsiZulu 2020 Lapho ngibuka izulu lakho, umsebenzi weminwe yakho, inyanga nezinkanyezi okumisileyo, IBHAYIBHELI ELINGCWELE Lapha ngibuka izulu lakho, umsebenzi weminwe yakho, inyanga nezinkanyezi ozimisileyo, Contemporary Zulu Bible 2024 Lapho ngibona amazulu akho, umsebenzi weminwe yakho, inyanga nezinkanyezi ozimisileyo; |
“UNkulunkulu akekho yini phezulu ezulwini na? Bheka, izinkanyezi eziphakemeyo ukuthi ziphakeme kangakanani.
Ukhona yini ongabala amaviyo akhe na? Ngubani ukukhanya kwakhe okungamkhanyiseli na?
Wenza inyanga ukuba ibe ngeyokwehlukanisa izinkathi, ilanga liyazi ukuthi lishona nini.
Amazulu alanda ngenkazimulo kaNkulunkulu, umkhathi umemezela ngomsebenzi wezandla zakhe.
Izulu lingelakho, nomhlaba ungowakho, izwe nokugcwala kwalo, kukho konke, nguwe obeke isisekelo.
USimakade eseqedile ukukhuluma noMose entabeni iSinayi, wamnika izibhebhe ezimbili zesivumelwano, izibhebhe zamatshe, zibhalwe ngomunwe kaNkulunkulu.
Osomlingo bathi kuFaro: “Lona ngumunwe kaNkulunkulu.” Kepha inhliziyo kaFaro yaba lukhuni, akafunanga ukubalalela njengalokhu ayeshilo uSimakade.
Kepha uma ngikhipha amadimoni ngomunwe kaNkulunkulu, kusho ukuthi umbuso kaNkulunkulu usufikile kini.
Ngokuba selokhu kwadabuka umhlaba, amandla akhe aphakade nobuNkulunkulu bakhe, nakuba kungabonakali, kwambuliwe kwaba sobala ezintweni ezidaliweyo; ngakho-ke abanazaba zokuzilandulela.
hleze uphakamisele amehlo akho ezulwini, ubone ilanga, inyanga, izinkanyezi, nalo lonke ibandla lezulu, bese uyengeka, ukhuleke kukho, ukukhonze, lokho uSimakade uNkulunkulu wakho akwabele izizwe zonke eziphansi kwezulu.