“Ngiyakumisa phezu kwabo izinhlobo ezine,” kusho uSimakade: “inkemba yokubulala, izinja zokuhudula, izinyoni zezulu nezilwane zomhlaba zokudweshula nokubhubhisa.
AmaHubo 79:2 - IsiZulu 2020 Izidumbu zezinceku zakho bazinika izinyoni zezulu, zaba ngukudla kwazo, inyama yabakwesabayo bayinika izilo zomhlaba. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bazinikile izidumbu zezinceku zakho zibe ngukudla kwezinyoni zezulu, inyama yabakwesabayo kuzo izilo zomhlaba. Contemporary Zulu Bible 2024 Izidumbu zezinceku zakho bazinika izinyoni zezulu inyama yabangcwele bakho zibe ngukudla kwezilwane zomhlaba. |
“Ngiyakumisa phezu kwabo izinhlobo ezine,” kusho uSimakade: “inkemba yokubulala, izinja zokuhudula, izinyoni zezulu nezilwane zomhlaba zokudweshula nokubhubhisa.
“Bayakubulawa yizifo, bangalilelwa, futhi bangangcwatshwa; bayakufana nendle emhlabathini, baqothulwe ngenkemba, babhujiswe yindlala, izidumbu zabo ziyakuba ngukudla kwezinyoni zezulu, nezilwane zomhlaba.”
“ ‘Ngiyakuliphunzisa icebo likaJuda neJerusalema kule ndawo, ngibaqumbe phansi ngenkemba phambi kwezitha zabo, nangesandla sabafuna ukuphila kwabo. Izidumbu zabo ziyokuba ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zasendle.
Yebo, ngiyakubanikela esandleni sezitha zabo, nasesandleni salabo abafuna ukuphila kwabo; izidumbu zabo ziyakuba ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zasendle.
Izidumbu zalaba bantu ziyakuba ngukudla kwezinyoni zezulu nezilwane zasendle; akekho oyakuzethusa.
“Ngiyakwenza kube nengcindezi kubantu, bahambe njengezimpumputhe, ngokuba bonile kuSimakade. Igazi labo liyakuthululwa njengothuli, nezibilini zabo njengobulongwe.
Isidumbu sakho siyakuba ngukudla kwazo zonke izinyoni zezulu nokwezilwane zomhlaba; akuyukuba bikho oyoziphazamisa.