Yizwa izwi lami, Nkulunkulu, ekukhaleni kwami, ulondoloze impilo yami ezinsongweni zesitha.
Yizwa, Nkulunkulu, izwi lami ekukhaleni kwami, ulondoloze ukuphila kwami evusweni lesitha.
Kumholi wokuhlabelela, ihubo likaDavide. Yizwa, Nkulunkulu, izwi lami emkhulekweni wami, ulondoloze ukuphila kwami ekwesabeni isitha.
Simakade, ngikhulule kumuntu omubi, ungivikele kumuntu oyisidlova.
Simakade, ngikhala kuwe, phuthuma uze kimi, lalela izwi lami lapho ngikhuleka kuwe.
Ngizwe Simakade, lapho ngikunxusa, ube nomusa kimi, ungiphendule.
Ngamfuna uSimakade, wangiphendula; wangikhulula kulo lonke uvalo lwami.
yathi: ‘Ungesabi, Pawula, kumele ukuba ume phambi kukaKhesari. UNkulunkulu ukuphile bonke abahamba nawe kulo mkhumbi.’