“Buyela kuHezekiya umbusi wabantu bami, uthi kuye: ‘Usho kanje uSimakade uNkulunkulu kaDavide, ukhokho wakho, uthi: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho, ngizibonile izinyembezi zakho; ngizokuphilisa, bese ngosuku lwesithathu ukhuphukela endlini kaSimakade.
AmaHubo 6:10 - IsiZulu 2020 Zonke izitha zami ziyoba namahloni, ziphoxeke ngokwedlulele; ziyakubuyela emuva ngokuphazima kweso, zijabhile. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Zonke izitha zami ziyakujabha, zishaywe luvalo; ziyakuhlehla, zijabhe ngokuphazima kweso. Contemporary Zulu Bible 2024 Zonke izitha zami mazijabhe, zithukuthele kakhulu; mabebuya bema ngokuphazima kweso benamahloni. |
“Buyela kuHezekiya umbusi wabantu bami, uthi kuye: ‘Usho kanje uSimakade uNkulunkulu kaDavide, ukhokho wakho, uthi: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho, ngizibonile izinyembezi zakho; ngizokuphilisa, bese ngosuku lwesithathu ukhuphukela endlini kaSimakade.
Ake niphenduke, kungabi bikho owenza ukungalungi. Phendukani, indaba yami ilungile.
Isikhohlakali siyokubona lokho, sicasuke, siququde imihlathi, sidangale; isifiso sababi siyobhuntsha.
Impela, akuyukujabha noyedwa kwabathembele kuwe; mabajabhe labo abaphambuka ngeze.
Makuthi bonke labo abathabela okubi okungehlele, bahlazeke, badumale. Makuthi labo abazikhukhumeza ngami, bathelwe ngehlazo, bajabhe, balulazeke.
Balahle ngecala, Nkulunkulu. Mabawe ngenxa yamacebo abo, badingise ngenxa yobuningi beziphambeko zabo, ngokuba bayamelana nawe.
Phakama, Simakade, ngentukuthelo yakho. Vuka ngenxa yolaka lwezitha zami, zivuse ngokuba uyalezile ukwehlulela ngenxa yami!
Abamelene nami befuna umphefumulo wami mabajabhe, baphele. Labo abafuna ukungilimaza, mabathelwe ngehlazo, bahlazeke.
Usuku lonke ulimi lwami luzokhuluma ngokulunga, ngokuba labo abafuna ukungenzakalisa bazothelwa ngehlazo, baphoxeke.
Ngibonise isibonakaliso somusa wakho, ukuze abangizondayo bakubone lokho, bajabhe, ngokuba Wena Simakade, uyangisiza, uyangiduduza.
Umuntu othi esolwa abe nenkani, uyochotshozwa ngokuphazima kweso, akayukuhlengwa muntu.
Simakade, isandla sakho siphakeme, kodwa abasiboni. Mababone intshisekelo yakho ngabantu bakho, babe namahloni; bazoqothulwa ngumlilo owubekele izitha zakho.
Kepha uSimakade unami njengeqhawe elinamandla, ngakho-ke abangizingelayo bayakukhubeka, abayukungehlula; bayakuba namahloni amakhulu, ngokuba abayukuphumelela, nehlazo labo eliphakade aliyukulibaleka.
Niyakubuye futhi nehlukanise kahle phakathi kolungileyo nongalungile, phakathi kokhonza uNkulunkulu nongamkhonzi.”
Uma bethi: “Ukuthula nokuhlala kahle,” khona ukubhujiswa kuyakubazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo; kabasoze baphunyuka.