Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 71:13 - IsiZulu 2020

13 Abamelene nami befuna umphefumulo wami mabajabhe, baphele. Labo abafuna ukungilimaza, mabathelwe ngehlazo, bahlazeke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Abamelene nomphefumulo wami mabajabhe, baphele; abangifunela umonakalo mabembathe amahloni nenhlamba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Mabajabhe, baqedwe abamelene nomphefumulo wami; mabambozwe ihlazo nehlazo abafuna ukungilimaza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 71:13
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kuzo zonke izifundazwe zenkosi u-Ahasheveroshi, nakuyo yonke imizi lapho kwakuhlala khona abaJuda, abaJuda bahlangana ukuzobulala bonke ababekade befuna ukubabhubhisa. Akukho namunye owayezomelana nabaJuda, ngokuba zonke izizwe zase zibesaba kakhulu.


Abamelene nami mabembeswe amahloni, bagqoke ukujabha njengesembatho.


Izitha zalo ngiyozithela ngehlazo, kepha kuye, umqhele wakhe uyokhazimula.”


Makuthi bonke labo abathabela okubi okungehlele, bahlazeke, badumale. Makuthi labo abazikhukhumeza ngami, bathelwe ngehlazo, bajabhe, balulazeke.


Mabajabhe, balulazeke abazingela ukuphila kwami. Mababuyiselwe emuva benxothozela abaceba okubi ngami.


Zonke izitha zami ziyoba namahloni, ziphoxeke ngokwedlulele; ziyakubuyela emuva ngokuphazima kweso, zijabhile.


Abathi: “Ashila, ashila!” mababuyele emuva ngenxa yehlazo labo.


Usuku lonke ulimi lwami luzokhuluma ngokulunga, ngokuba labo abafuna ukungenzakalisa bazothelwa ngehlazo, baphoxeke.


“Bazoba namahloni, bajabhiswe bonke abakuthukuthelele, bayoba njengento engelutho, babhubhe bonke abamelana nawe.


Kepha uSimakade unami njengeqhawe elinamandla, ngakho-ke abangizingelayo bayakukhubeka, abayukungehlula; bayakuba namahloni amakhulu, ngokuba abayukuphumelela, nehlazo labo eliphakade aliyukulibaleka.


Kanjalo nani zinsizwa, thobelani amalunga, kodwa nonke yembathani ukuthobeka, nithobelane, ngokuba uNkulunkulu umelene nabazidlayo, kodwa abathobekileyo ubapha umusa.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka