Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 6:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Zonke izitha zami ziyakujabha, zishaywe luvalo; ziyakuhlehla, zijabhe ngokuphazima kweso.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

10 Zonke izitha zami ziyoba namahloni, ziphoxeke ngokwedlulele; ziyakubuyela emuva ngokuphazima kweso, zijabhile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Zonke izitha zami mazijabhe, zithukuthele kakhulu; mabebuya bema ngokuphazima kweso benamahloni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 6:10
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Buya, uthi kuHezekiya umholi wabantu bami: ‘Usho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo, uthi: Ngizwile umkhuleko wakho, ngibonile izinyembezi zakho; bheka, ngiyakukuphilisa; ngosuku lwesithathu uyakwenyukela endlini kaJehova.


Ake niphenduke, kungabikho ukungalungi, nibuye niphenduke; indaba yami ilungile.


Omubi uyakukubona, acunuke, agedle amazinyo akhe, abesephela; isifiso sababi siyakubhubha.


Izitha zalo ngiyakuzembesa ihlazo, kepha kuyena uqobo umqhele wakhe uyakukhazimula.”


Ibisikhuluma kubo ngentukuthelo yayo, ibethuse ngolaka lwayo, ithi:


Yebo, akuyikujabha noyedwa kwabakulindelayo; bayakujabha abaphambuka ngeze.


Mabajabhe, babe namahloni bonke abajabula ngokuhlupheka kwami; abazikhukhumeza ngami mabembathiswe ukujabha nendumazo.


Balahle ngecala, Nkulunkulu. Mabawe ngenxa yamacebo abo, ubawise ngobuningi beziphambeko zabo, ngokuba bahlubukile kuwe.


Ubeka isandla ngakuye ohlalisene kahle naye; udumazile isivumelwano sakhe.


Sukuma, Jehova, ngentukuthelo yakho, uvuke ngenxa yolaka lwezitha zami, ungimele; ngokuba uyalezile ukwahlulela.


Abamelene nomphefumulo wami mabajabhe, baphele; abangifunela umonakalo mabembathe amahloni nenhlamba.


Ulimi lwami futhi luzakukhuluma lonke usuku ngokulunga; ngokuba badunyaziwe, bajabhisiwe abangifunela umonakalo.


Maye, bachithwa ngokuphazima kweso! Bashona, babhubha benovalo.


Ngenzele isiboniselo sokuhle, ukuze abangizondayo babone, bajabhe, ngokuba wena Jehova uyangisiza, uyangiduduza.


Umuntu osolwayo, onentamo elukhuni kodwa, uyakwaphulwa ngokuphazima kweso, engenakuphulukiswa.


Jehova, isandla sakho siphakeme, kepha kababoni; kodwa mababone ukushisekela kwakho abantu, babe namahloni; yebo, umlilo uyakuqeda izitha zakho.


Kepha uJehova unami njengeqhawe elesabisayo; ngalokho abangizingelayo bayakukhubeka, bangangahluli; bayakuba namahloni kakhulu, ngokuba abenzanga ngokuhlakanipha, nehlazo labo eliphakade aliyikukhohlakala.


Bese nibuya, nahlukanise abalungileyo nababi, abamkhonza uNkulunkulu nabangamkhonziyo.


Nxa bethi: “Ngukuthula nokuhlala kahle,” khona ukubhujiswa kuyabazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo, abasoze baphunyuka.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka