Kuthe lapho u-Adamu eseqede iminyaka eyi-130, wazala indodana eyayifana naye, wayiqamba igama wathi nguSethi.
AmaHubo 51:5 - IsiZulu 2020 Impela ngazalelwa ebubini, umame wangikhulelwa esonweni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bheka, ngazalelwa ebubini, umame wangithabatha esonweni. Contemporary Zulu Bible 2024 Bheka, ngabunjwa ebubini; futhi umama wangamukela esonweni. |
Kuthe lapho u-Adamu eseqede iminyaka eyi-130, wazala indodana eyayifana naye, wayiqamba igama wathi nguSethi.
Iphunga lalowo mnikelo lamthokozisa uSimakade, wayesethi enhliziyweni yakhe: “Umhlaba angisayukuphinde ngiwuqalekise ngenxa yabantu. Umuntu vele unemicabango emibi kusukela ebuncaneni bakhe. Ngeke ngiphinde ngikubhubhise ngozamcolo konke okuphilayo njengalokhu ngenzile.
Uma owesilisa elale nowesifazane wamthela ngesidoda, bobabili bayakugeza ngamanzi, babe ngabangcolileyo kuze kuhlwe.
Ngakho-ke njengalokhu isono sangena emhlabeni ngamuntu munye, nangesono kwangena ukufa, ngokunjalo ukufa kwabehlela abantu bonke, ngokuba bonke bonile.
esasikade sihamba sonke phakathi kwabo ezinkanukweni zenyama yethu eyonakeleyo, senza intando yenyama eyonakeleyo neyemicabango; sasingabantwana bolaka ngokwemvelo njengabo bonke abanye.