Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 51:6 - IsiZulu 2020

6 Wena uthanda iqiniso ngaphakathi enhliziyweni, uyongifundisa ukuhlakanipha ekujuleni kwenhliziyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Bheka, uthanda iqiniso ngaphakathi enhliziyweni; wongifundisa ukuhlakanipha ekujuleni kwenhliziyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Bheka, wena ufisa iqiniso ngaphakathi, futhi ekusithekeni uyofunda ukuhlakanipha kwami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 51:6
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UDavide wathi kuNathani: “Ngonile kuSimakade.” UNathani wathi kuDavide: “USimakade usisusile isono sakho, awuyukufa.


“Simakade, ngiyakuncenga, ake ukhumbule ukuthi ngihambile phambi kwakho ngeqiniso, nangenhliziyo epheleleyo, ngenza okuhle phambi kwakho.” UHezekiya wadazuluka wakhala kakhulu.


Nkulunkulu wami, ngiyazi ukuthi uhlola inhliziyo, uthanda ubuqotho. Mina-ke ngobuqotho benhliziyo yami nginikele ngokuthokoza zonke lezi zinto, manje sengibonile abantu bakho abakhona lapha benikela kuwe ngokukhululeka nangokuthokoza.


Nokho kumuntu kukhona umoya, ukuphefumula kukaSomandla kunikeza ukuqonda.


Ngubani obeke ukuhlakanipha phakathi komuntu, onika ukuqonda enhliziyweni na?


Simakade, benzele okuhle abalungileyo nabaqotho ezinhliziyweni zabo,


Yilowo onkambo yakhe ingenasici, futhi owenza ukulunga, okhuluma iqiniso enhliziyweni yakhe;


Ngivivinye, Simakade, ungihlolisise, hlola izizindlo zenhliziyo yami, nengqondo yami.


Ngase ngisivuma isono sami kuwe, angaze ngasifihla isiphambeko sami. Ngathi: “Ngizozivuma iziphambeko zami kuSimakade,” Yena wangithethelela icala lokona kwami.


Izitha zami zihambe zikhuluma okubi ngami, zithi: “Uzofa nini, igama lakhe lingabe lisaphathwa na?”


Ngokuba alikho iqiniso emilonyeni yabo; izibilini zabo zingukonakala: umphimbo wabo uyithuna elivulekileyo; bayathopha ngolimi lwabo.


ngokuba abaqotho bayakuhlala ezweni, abamsulwa basale kulo.


Ngokuba uSimakade uyokupha ukuhlakanipha, emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda.


Wena, Simakade, ulungile, noma ngikumangalela. Nokho ngiyakukhuluma nawe ngokwehlulela: kungani indlela yezikhohlakali ichuma na? Kungani banethezeke abakhohlisi boqobo na?


“Kepha yilesi isivumelwano engizakusenza nendlu ka-Israyeli, emveni kwalezo zinsuku,” kusho uSimakade: “ngiyakufaka umthetho wami ezibilini zabo, ngiwulobe ezinhliziyweni zabo, ngiyoba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.


Ngiyakwenza nabo isivumelwano esimi phakade, ngingayeki ukubenzela okuhle, ngiyakubeka ezinhliziyweni zabo ukungesaba, ukuze bangasuki kimi.


Simakade, kanti amehlo akho awafuni lona yini iqiniso na? Ubashayile, kodwa abadabukanga, ubaqedile, kepha balile ukwemukela ukuyalwa; ubuso babo babenze balukhuni ukwedlula itshe, benqaba ukuphenduka.


INkosi uJesu yayisithi kuye: “Nina baFarisi nigeza ingaphandle lenkezo nesitsha, kepha ingaphakathi lenu ligcwele ubugovu nokonakala.


nokho ngiyawuthanda umthetho kaNkulunkulu ngokomuntu ongaphakathi.


Ngokuba ukuzibonga kwethu yilokhu okungubufakazi bukanembeza wethu, ukuthi sibe msulwa, sahamba ngobuqotho bukaNkulunkulu emhlabeni, ikakhulu maqondana nani; asihambanga ngokuhlakanipha kwabantu, kodwa ngomusa kaNkulunkulu.


Sondelani kuNkulunkulu, naye uyakusondela kini. Hlanzani izandla, nina zoni, nihlambulule izinhliziyo, nina bonhliziyombili.


kepha makube ngumuntu osekusithekeni enhliziyweni, ohloba ngokungabhubhiyo komoya omnene onokuthula, okuyigugu phambi kukaNkulunkulu.


Kepha uSimakade wathi kuSamuweli: “Ungabheki isigubo sakhe nobude bakhe, ngokuba ngimalile, lokhu uSimakade engabuki njengomuntu; umuntu ubheka okusemehlweni, kodwa uSimakade ubheka okusenhliziyweni.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka