AmaHubo 44:10 - IsiZulu 2020 Usihlehlisela emuva esitheni, abasizondayo bayaziphangela. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Usihlehlisela emuva esitheni; abasizondayo bayaziphangela. Contemporary Zulu Bible 2024 Uyasisusa esitheni, nabasizondayo baziphange bona. |
Isandla sami sithole umcebo wezizwe; njengomuntu ebutha amaqanda ashiywe esidlekeni senyoni, nami ngiwubuthe kanjalo-ke umhlaba wonke. Akubangabikho lutho olwake lwathi nyaka, nolwathi nkente, nolwake lwathi tshiyo.”
Ngiyithuma esizweni esingenabunkulunkulu, ngiyijube ukubhekana nabantu engibathukuthelele ukuba ibaphange impango, iqhwage impahla, ibaxove njengodaka emigwaqweni.
Ngiyakunikela ngemfuyo yakho nangengcebo yakho, kube yimpango; ungakhokhelwa lutho ngakho, ngenxa yazo zonke izono zakho kuzo zonke izifunda zakho.
Njalo uma ngikhuluma, ngiyakhala, ngimemeza ngobudlova nokubhujiswa; impela izwi likaNkulunkulu seliphenduke ihlazo kimi, nenhlekisa usuku lonke.
Ngiyomelana nani, nishaywe phambi kwezitha zenu, labo abanizondayo bayobusa phezu kwenu; niyobaleka kungekho muntu onixoshayo.
Ningenyuki, ngokuba uSimakade akayukuba khona phakathi kwenu, niyokwehlulwa yizitha zenu.
Bhekani, ngiwabekile ama-Amaleki namaKhanani phambi kwenu, ayakunibhuqabhuqa ngenkemba, lokhu nimfulathele uSimakade, ngalokho uSimakade akuzukuba nani.”
“USimakade uyokwenza izitha zakho zikunqobe, uyakuzihlasela ngandlelanye; ubaleke ngezindlela eziyisikhombisa. Uyoba yinto eyesabisayo, kuyo yonke imibuso yomhlaba.
Intukuthelo yami iyakubavuthela ngalolo lusuku, ngiyakubashiya, ngibafulathele; bayakudliwa, behlelwe yizinhlekelele nezinhlupheko eziningi, baze bathi ngalolo lusuku: ‘Lezi zinhlupheko azisehlelanga yini ngoba uNkulunkulu wethu engekho phakathi kwethu na?’
Ngakho-ke u-Israyeli akakwazi ukumelana nezitha zakhe; uyakuzifulathela izitha zakhe ngokuba usezenze into efanele ukubhujiswa. Angisezukuba nani ngaphandle kokuba nizishabalalise lezi zinto eziqalekisiwe eziphakathi kwenu.
Hawu, Nkosi! Sengizothini njengoba u-Israyeli efulathele wehlulwa yizitha zakhe, na?
Owayelethe umbiko waphendula, wathi: “U-Israyeli ubalekile phambi kwamaFilisti futhi kubulawe abantu abaningi. Kufe namadodana akho omabili, uHofini noFinehasi, umphongolo kaNkulunkulu uthathiwe.”