AmaHubo 38:1 - IsiZulu 2020 Simakade, ungangijezisi ngolaka lwakho, ungangishayi ngentukuthelo yakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Jehova, ungangijezisi ngentukuthelo yakho, ungangishayi ngolaka lwakho. Contemporary Zulu Bible 2024 Ihubo likaDavide, isikhumbuzo. Jehova, ungangikhuzi ngentukuthelo yakho, ungangijezisi ngolaka lwakho. |
Ngokubaxosha nokubadingisa ubajezisile, wabasusa ngomoya wakhe onamandla, ngosuku lomoya wasempumalanga.
Ngentukuthelo echichimayo, ngabusitheza ubuso bami kuwe isikhashana, kepha ngesihawu esingapheliyo, ngiyokuhawukela,” kusho uSimakade uMhlengi wakho.
Simakade, ngiqondise ngobulungiswa, kungabi ngentukuthelo yakho, funa ungiphendule into engelutho.
ngokuba Mina nginawe,’ kusho uSimakade. ‘Ngiyakukusindisa, ngiziqede nya zonke izizwe engikuhlakazele kuzo, kodwa wena angiyukukuqeda. Ngiyakukuyala ngobulungiswa, angiyukukuyeka ngingakujezisi.’
Simakade, ngizwile umbiko ngawe, ngiyawesaba Simakade umsebenzi wakho; uvuselele nakule minyaka, wenze ukuba waziwe kule minyaka, ukhumbule isihawu sakho nasolakeni.
Nakuba ngangilwesaba ulaka nentukuthelo uSimakade ayenithukuthelele ngakho ukuba anibhubhise, nokho uSimakade wangizwa futhi nangaleso sikhathi.