Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 33:11 - IsiZulu 2020

Icebo likaSimakade limi ingunaphakade, namasu asenhliziyweni yakhe, ezizukulwaneni ngezizukulwane.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Icebo likaJehova limi phakade, nemicabango yenhliziyo yakhe ezizukulwaneni ngezizukulwane.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Icebo likaJehova limi phakade, nemicabango yenhliziyo yakhe ezizukulwaneni ngezizukulwane.

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 33:11
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“ ‘Awuzwanga yini kwakudala ukuthi ngakuhlela kwasemandulo na? Ngakunquma; manje sengikufikisile ukuba ubhubhise imizi ebiyelweyo, ibe yizinqwaba.


“Yena akaguquki, ngubani ongamguqula na? Wenza lokhu okufiswa ngumphefumulo wakhe.


Simakade, yeka ubukhulu bemisebenzi yezandla zakho! Imicabango yakho ijule kakhulu.


Kukhona amacebo amaningi enhliziyweni yomuntu, kepha inhloso kaSimakade iyokuma.


Ngiyazi ukuthi noma yini uNkulunkulu ayenzayo imi kuze kube phakade; akukho okungenezelwa kuyo, nokungasuswa kuyo; uNkulunkulu lokhu ukwenzele ukuba abantu bamesabe.


USimakade Wamabandla ufunge wathi: “Impela njengoba ngihlosile kuyokuba kanjalo, nanjengoba ngihlelile kuyokuma kanjalo,


Ngokuba uSimakade Wamabandla unqumile; ngubani oyakuguqula lokho na? Isandla sakhe sizogadla; ngubani oyakusinqanda na?


owamemezela phambilini okuyakuza, nasendulo izinto ezingakenziwa, ethi: ‘Icebo lami liyakuma, ngiphumelelise yonke intando yami, ngifeze zonke izimfiso zami,


Ngokuba Mina ngiyawazi amacebo enginawo ngani,” kusho uSimakade, “amacebo okuba nibe nenhlalakahle, hhayi awokunilimaza, awokuninika ikusasa nethemba.


Kukhona yini ongahlela bese enza akuhlelile, uma iNkosi ingakuvumelanga na?


Manje-ke, mina Nebukhadinezari ngiyatusa, ngiyaphakamisa, ngidumisa iNkosi yezulu, ngokuba yonke imisebenzi yayo iyiqiniso, nezindlela zayo zingubulungiswa; inamandla okubathobisa abahamba ngokuzidla.


“Kodwa aziyazi imicabango kaSimakade, aziwaqondi amasu akhe, ngokuba uziqoqele ndawonye esibuyeni njengezithungu zokusanhlamvu ezisikiwe.


kuye futhi sabelwa ifa, njengokuba sasikumiselwe ngaphambilini ngokwecebo lalowo owenza konke ngokwentando yakhe,