Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UmShumayeli 3:14 - IsiZulu 2020

14 Ngiyazi ukuthi noma yini uNkulunkulu ayenzayo imi kuze kube phakade; akukho okungenezelwa kuyo, nokungasuswa kuyo; uNkulunkulu lokhu ukwenzele ukuba abantu bamesabe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Ngiyazi ukuthi konke akwenzayo uNkulunkulu kuyakuba khona kuze kube phakade; akukho okungenezelwa kukho, futhi akukho okungasuswa kukho. UNkulunkulu ukwenzile ukuba abantu besabe phambi kwakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Ngiyazi ukuthi konke uNkulunkulu akwenzayo kuyakuba khona kuze kube phakade; akukho okungalethwa kukho futhi akukho okuthathwe kukho; futhi uNkulunkulu uyakwenza lokhu, ukuze abantu bamesabe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UmShumayeli 3:14
30 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Indlela kaNkulunkulu iphelele; izwi likaSimakade lihlanzekile; Yena uyisihlangu sabo bonke abaphephela kuye.


Icebo likaSimakade limi ingunaphakade, namasu asenhliziyweni yakhe, ezizukulwaneni ngezizukulwane.


Bonke abantu bayokwesaba, bayoshumayela ngemisebenzi kaNkulunkulu, bakuqonde akwenzileyo.


Ngokuba ulaka lomuntu luyakukudumisa, insalelo yolaka uyakuyibhinca.


Kukhona amacebo amaningi enhliziyweni yomuntu, kepha inhloso kaSimakade iyokuma.


Akukho ukuhlakanipha, akukho ukuqonda, asikho iseluleko, okungamelana noSimakade.


Ungenezeli emazwini akhe, funa akusole, ufunyanwe ungumqambimanga.


Nasi isiphetho sendaba, lapho konke sekuzwakele: mesabe uNkulunkulu, ugcine imiyalelo yakhe, ngokuba lokho kungokwabantu bonke.


Umlomo wakho mawungakuholeli esonweni, ungasho phambi kwesithunywa ukuthi lokho kuliphutha. Kungani uNkulunkulu ewathukuthelela amazwi akho, abhubhise umsebenzi wezandla zakho na?


Lapho kunamaphupho amaningi, kukhona nokuyize, namazwi angelutho amaningi, kodwa mesabe uNkulunkulu.


Kuhle ukuthi ukubambe lokhu; ungasisusi isandla sakho kukho, ngokuba owesaba uNkulunkulu uyaphumelela kukho konke.


owamemezela phambilini okuyakuza, nasendulo izinto ezingakenziwa, ethi: ‘Icebo lami liyakuma, ngiphumelelise yonke intando yami, ngifeze zonke izimfiso zami,


Impongo yayisizikhulisa kakhulu; kwathi lapho isinamandla, uphondo olukhulu lwephuka; esikhundleni salo kwamila ezine ezigqamileyo ngasemimoyeni yomine yezulu.


Yena lowo esenikelwe ngesu elimisiwe phambilini nangokwazi kukaNkulunkulu, nambethela ngezandla zabangenamthetho, nambulala.


ukufeza lokho owawuyimisele ukuba ikwenze kwaphambilini, ngesandla nangecebo lakho ukuba kwenzeke.


kodwa uma kuvela kuNkulunkulu, aniyukuba namandla okubachitha, funa mhlawumbe nifunyanwe ningabaphikisana noNkulunkulu.” Bamvumela-ke.


Ngokuba konke kuvela kuye, kukhona ngaye, kubuyela kuye; makube kuye inkazimulo kuze kube phakade. Amen.


ngokwecebo laphakade alenzayo ngoKhristu uJesu iNkosi yethu;


“Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele, zonke izindlela zakhe zingukulunga; unguNkulunkulu wokwethembeka ongenakonakala; ulungile, uqotho Yena.


nasethembeni lokuphila okuphakade, uNkulunkulu ongawaqambi amanga akwethembisa zingakabi bikho izikhathi zaphakade,


Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla ziphuma kuYise wokukhanya, okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka.


Ngubani ongayukukwesaba, Nkosi, adumise igama lakho, na? Ngokuba Wena wedwa ungcwele, zonke izizwe ziyakuza zikhuleke phambi kwakho, ngokuba izenzo zakho zokulunga sezisobala.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka