AmaHubo 27:13 - IsiZulu 2020 Ngiyethemba ukuthi ngizobubona ubuhle bukaSimakade, ezweni labaphilayo! IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yeka, uma bengingathembanga ukubona okuhle kukaJehova ezweni labaphilayo! Contemporary Zulu Bible 2024 Ngaphela amandla, ngaphandle kokuthi ngikholwe ukuthi ngizakubona okuhle kukaJehova elizweni labaphilayo. |
Ngikhala kuwe Simakade, ngithi: “Wena uyisiphephelo sami nesabelo sami ezweni labaphilayo.”
Kulalele ukukhala kwami, ngokuba ngicindezeleke kakhulu, ungihlenge kwabangizingelayo, ngoba banamandla kunami.
Yeka ubukhulu bomusa wakho, owulondele labo abakwesabayo, owenzele labo ababalekela kuwe phambi kwabantu.
Mphefumulo wami, kungani udangele, uyaluza ngaphakathi kimi na? Themba uNkulunkulu, ngokuba ngisazomdumisa ngokusindisa kobukhona bakhe.
Kepha uNkulunkulu uzokuqumba phansi kuze kube phakade; uzokubamba, akukhiphe ethendeni lakho, akusiphule nasezweni labaphilayo. Sela
Ngokuba umphefumulo wami uwukhulule ekufeni, nezinyawo zami, ekukhubekeni, ukuze ngihambe phambi kukaNkulunkulu, ekukhanyeni kwabaphilayo.
Ngathi: “Angiyukumbona uSimakade, uSimakade ezweni labaphilayo; angisayukubona muntu phakathi kwabakhileyo ezweni.
Abaphilayo, abaphilayo bayakubonga njengami namuhla; oyise bayabazisa abantwana ngokuthembeka kwakho.
Kepha mina nganginjengewundlu eliholwa liyohlatshwa; ngangingazi ukuthi kanti bangicebela amacebo, bethi: “Masisicekele phansi isihlahla nezithelo zaso, simnqume ezweni labaphilayo, ukuze igama lakhe lingabe lisakhunjulwa.”
ngiyakukwehlisa nabehlela egodini, kubantu basemandulo, ngikuhlalise ekujuleni komhlaba nabehlela egodini njengasezindaweni eziyincithakalo, kusukela emandulo, ukuze ungaphindi ubuye, ungabi nandawo futhi ezweni labaphilayo.
Ngakho asidangali, nakuba umuntu wethu wangaphandle ebhubha, nokho owangaphakathi wenziwa musha imihla ngemihla.
Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; lokhu akuveli kini, kodwa kuyisipho sikaNkulunkulu,