U-Abhrahama waphendula wathi: “Njengalokhu sengize ngazidela ngakhuluma eNkosini yize ngiwuthuli nomlotha nje,
AmaHubo 22:15 - IsiZulu 2020 Umlomo wami wome njengodengezi, ulimi lunamathele olwangeni; ungilalise othulini lokufa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Amandla ami omile njengodengezi; ulimi lwami lunamathela olwangeni lwami; ungibeka othulini lokufa. Contemporary Zulu Bible 2024 Amandla ami omile njengodoti lombumbi; ulimi lwami lunamathele emhlathini wami; wangingenisa othulini lokufa. |
U-Abhrahama waphendula wathi: “Njengalokhu sengize ngazidela ngakhuluma eNkosini yize ngiwuthuli nomlotha nje,
Uyokujulukela ukudla oyokudla, uze ubuyele emhlabathini owathathwa kuwo, njengoba uwuthuli, uyobuyela othulini.”
Ngokuba simelwe ukufa, sinjengamanzi achithwa emhlabathini, angenakubuye aqoqwe. UNkulunkulu akakususi ukuphila, kepha uqamba amasu ukuba oxoshiweyo angabi ngumxoshwa kuye.
Ake ukhumbule ukuthi nguwe owangibumba njengobumba, pho uyakungibuyisela othulini na?
Amathambo ami anamathela esikhumbeni sami nasenyameni yami, ngisinde ngokulambisa kuphela.
“Manje umphefumulo wami uyalila ngaphakathi kwami, izinsuku zosizi zingibambile.
Awusithetheleli ngani isiphambeko sami, ususe isono sami na? Ngokuba manje ngiyakulala phansi othulini, uyakungifuna, kepha angiyukuba bikho.”
Uyasitheza ubuso bakho, zethuke, uyasusa umphefumulo wazo, zife, zibuyele othulini lwazo.
“Kunanzuzoni ukufa kwami, lapho ngishona phansi egodini na? Ngabe uthuli luzokudumisa yini na? Ngabe luzokhuluma ngokwethembeka kwakho na?
Ngikhathele wukukhala, umphimbo wami ugagadekile. Amehlo ami anqundekile ngukulindela uNkulunkulu wami.
Inhliziyo eyenamileyo iyikhambi elihle, kepha umoya owaphukileyo womisa amathambo.
Ngalokho ngiyakuyabela indawo nabakhulu, iyakuhlukanisa impango nabanamandla, ngokuba yawuthulula umphefumulo wayo ekufeni, yabalwa kanye nezelelesi; nokho yathwala izono zabaningi, yakhulekela aboni.
Ulimi lomntwana oncelayo lunamathela olwangeni ngenxa yokoma. Izingane zicela isinkwa, kodwa akekho ozihlephulelayo.
Abaningi abalele emhlabathini wothuli bayakuvuka, abanye bavukele ukuphila okuphakade, abanye bavukele ihlazo nokunengeka kwaphakade.
Emva kwalokho, uJesu azi ukuthi konke sekuphelelisiwe, ukuba kugcwaliseke umbhalo, wathi: “Ngomile.”
Ngokuba nganinika lokho okubalulekileyo kakhulu engakwamukela nami ukuthi uKhristu wafa ngenxa yezono zethu, njengokwemibhalo,