Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 21:4 - IsiZulu 2020

Yacela kuwe ukuphila, wayipha khona; yaphila izinsuku eziningi, kwaze kwaba ingunaphakade.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Yacela ukuphila kuwe, wayinika khona, izinsuku ezinde kuze kube phakade naphakade.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Wacela ukuphila kuwe, wamnika kona, ubude bezinsuku kuze kube phakade.

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 21:4
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Igazi labo liyakubuyela ekhanda likaJowabe nasekhanda lozalo lwakhe kuze kube phakade, kepha kuDavide, nasozalweni lwakhe, nakuyo indlu yakhe, nakuso isihlalo sakhe sobukhosi kuyakuba ngukuthula kuze kube phakade, kuvela kuSimakade.”


Inkosi uSolomoni izobusiswa, nesihlalo sobukhosi sikaDavide siqiniswe phambi kukaSimakade kuze kube phakade.”


UJehoyada wayeseyikhipha indodana yenkosi, wayethwesa umqhele, wayinika ubufakazi, base beyibeka ukuba ibe yinkosi, bayigcoba, bashaya ihlombe behalalisa, bethi: “Mana njalo, nkosi!”


Umphefumulo wami mawuphile, ukudumise; izehlulelo zakho mazingisize.


Ububele bakho mabuze kimi, ukuze ngiphile, ngokuba umthetho wakho uyintokozo yami.


Ngibheke, ungiphendule, Simakade, Nkulunkulu wami. Letha injabulo emehlweni ami, ngingaze ngilale ubuthongo bokufa;


Kufana namazolo eHermoni ehlela ezintabeni iZiyoni. Ngokuba uSimakade wayaleza khona isibusiso, ukuphila kuze kube phakade.


Igama layo malime kuze kube phakade, udumo lwayo luphakame njengelanga. Zonke izizwe mazidunyiswe ngayo, bonke abezizwe mabathi ibusisiwe.


Uzalo lwakhe ngiyolwenza lume kuze kube phakade, isihlalo sakhe sobukhosi siyokuma, inqobo nje kusekhona isibhakabhaka.


Ngiyomsuthisa ngobude bezinsuku zokuphila, ngimbonise insindiso yami.


Impela nguyena oyokwakha ithempeli likaSimakade, athwale ubukhosi, ahlale, abuse esihlalweni sakhe sobukhosi, kube khona nomphristi esihlalweni sakhe sobukhosi, kube nokululekana ngokuthula phakathi kwabo bobabili.’


nophilayo. Ngangifile; manje ngiyaphila kuze kube phakade naphakade, futhi ngiphethe izihluthulelo zokufa nezeHayidesi.