Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 133:3 - IsiZulu 2020

3 Kufana namazolo eHermoni ehlela ezintabeni iZiyoni. Ngokuba uSimakade wayaleza khona isibusiso, ukuphila kuze kube phakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Kufana namazolo aseHermoni ehlela ezintabeni zaseSiyoni. Ngokuba uJehova wayaleza khona isibusiso, yebo, ukuphila kuze kube phakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Njengamazolo aseHermoni nanjengamazolo ehlela ezintabeni zaseSiyoni, ngokuba lapho uJehova wayala khona isibusiso, ukuphila kuze kube phakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 133:3
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Uyakungazisa indlela yokuphila; phambi kwakho kunenjabulo epheleleyo; intokozo yaphakade, ingakwesokunene sakho.


Yacela kuwe ukuphila, wayipha khona; yaphila izinsuku eziningi, kwaze kwaba ingunaphakade.


Inkulu inkazimulo yayo ngokuyinqobisa kwakho; uyethwese udumo nobukhosi.


Emini uSimakade uyaleza umusa wakhe, ebusuku isihlabelelo sakhe sikimi, ngikhuleke kuNkulunkulu wokuphila kwami.


Ukuthukuthela kwenkosi kunjengokubhonga kwengonyama, kepha isihe sayo sinjengamazolo otshanini.


khona ngiyakuyala isibusiso sami sehlele phezu kwenu ngonyaka wesithupha, ukuze uthele ukudla kweminyaka emithathu.


Insali kaJakobe iyakuba phakathi kwezizwe eziningi njengamazolo avela kuSimakade, nanjengezihlambi otshanini ezingalindeli muntu, nezingahlaleli bantwana babantu.


Kepha lowo oyakuphuza amanzi engiyakumnika wona, akayikoma naphakade. Ngokuba amanzi engiyakumnika wona ayakuba kuye ngumthombo wamanzi aphuphumsayo, kube ngukuphila kwaphakade.”


“Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: olizwayo izwi lami, akholwe ngongithumileyo, unokuphila okuphakade. Akayi ekwehlulelweni, kepha udlulisiwe ekufeni, wangena ekuphileni.


abenze okulungileyo baphumele ekuvukeni kokuphila; kuthi abenze okubi ekuvukeni kokulahlwa.”


USimoni Phethro wamphendula, wathi: “Nkosi, siyakuya kubani na? Amazwi okuphila okuphakade akuwe.


ukuze njengalokhu isono sabusa ngokufa, kanjalo nomusa ubuse ngokulunga, kube ngukuphila okuphakade ngoJesu Khristu iNkosi yethu.


Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa, kodwa isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKhristu uJesu iNkosi yethu.


“USimakade uyakuyala isibusiso sibe phezu kwakho, ezinqolobaneni zakho nakukho konke okwenzayo, uyakukubusisa ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona.


kusukela e-Aroweri eliseceleni kwesigodi i-Arinoni kuya entabeni iSiyoni, okuyiHermoni,


neGileyadi nesifunda samaGeshuri, namaMahakhathi, nayo yonke intaba iHermoni, nalo lonke iBhashani kuya eSalekha,


Nasi-ke isithembiso Yena asethembisa sona: ukuphila okuphakade.


Yilobu ubufakazi ukuthi uNkulunkulu usiphile ukuphila okuphakade, nalokhu kuphila kuseNdodaneni yakhe.


nophilayo. Ngangifile; manje ngiyaphila kuze kube phakade naphakade, futhi ngiphethe izihluthulelo zokufa nezeHayidesi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka