Wathatha umqhele wenkosi yabo ekhanda layo; isisindo sawo sasiyithalenta legolide, itshe eliyigugu likuwo; wabekwa ekhanda likaDavide; waphanga impango eningi kakhulu kulowo muzi.
AmaHubo 21:3 - IsiZulu 2020 Uyihlangabeze ngezibusiso ezinhle, wayethwesa umqhele wegolide elicwengekileyo ekhanda layo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba wayihlangabeza ngezibusiso zokuhle; wafaka umqhele wegolide elihle ekhanda layo. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngoba umvimba ngezibusiso zokulunga; Wafaka ekhanda lakhe umqhele wegolide elicwengekileyo. |
Wathatha umqhele wenkosi yabo ekhanda layo; isisindo sawo sasiyithalenta legolide, itshe eliyigugu likuwo; wabekwa ekhanda likaDavide; waphanga impango eningi kakhulu kulowo muzi.
Abantu bakwaJuda bafika, bamgcoba khona lapho uDavide ukuba abe yinkosi yendlu yakwaJuda. Base bembikela bethi: “Ngabantu baseJabheshi Gileyadi abangcwabe uSawule.”
Kwase kufika wonke amalunga akwa-Israyeli enkosini uDavide eHebhroni. Inkosi uDavide yenza nawo isivumelwano eHebhroni phambi kukaSimakade, ayesemgcoba ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli.
UDavide wathatha umqhele wenkosi yabo ekhanda layo, wathola ukuthi isisindo sawo sasiyithalenta legolide; wawunetshe eliyigugu; wabekwa ekhanda likaDavide. Wathatha emzini impango eningi kakhulu.
“Manje, sukuma Simakade Nkulunkulu, uze endaweni yakho yokuphumula Wena nomphongolo wakho wamandla. Abaphristi bakho Simakade Nkulunkulu, abaphristi bakho mabembathiswe insindiso, nabathembekile bakho bathokoze ngokuhle.
Sihlokome, sihalalise ngokunqoba kwakho, siphakamise ibhanela egameni likaNkulunkulu wethu. USimakade makaphumelelise konke okucelayo.
Yeka ubukhulu bomusa wakho, owulondele labo abakwesabayo, owenzele labo ababalekela kuwe phambi kwabantu.
UNkulunkulu wami uzongihlangabeza ngomusa wakhe; uNkulunkulu uzongibonisa izitha zami zinqotshwa.
Kumbe uyayidelela yini ingcebo yobumnene bakhe, neyokubekezela, kungakukhanyeli ukuthi ubumnene bukaNkulunkulu bukuholela ekuphendukeni na?
Makabongwe uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Khristu, osibusisile ezulwini kuKhristu ngaso sonke isibusiso sokomoya;
Kepha siyambona uJesu, owenziwa waba ngaphansana kwezingelosi isikhashana, esethweswe manje umqhele wenkazimulo nodumo, ngenxa yokuba wahlupheka waze wafa, ukuze ngomusa kaNkulunkulu ezwe ukufa ngenxa yabo bonke.
Amehlo akhe anjengamalangabi omlilo, ekhanda lakhe kukhona imiqhele eminingi, enegama elilotshiwe elingaziwa muntu, ngaphandle kwakhe uqobo.
USamuweli wayesethatha uphondo lwamafutha, wamgcoba phakathi kwabafowabo; uMoya kaSimakade wehlela ngamandla phezu kukaDavide, kusukela ngalolo lusuku kuya phambili. Wayesesuka uSamuweli, waya eRama.