Izwi lokwethaba nelokusindiswa lisemathendeni abaqotho, isandla sokunene sikaSimakade sigile izimanga.
AmaHubo 20:5 - IsiZulu 2020 Sihlokome, sihalalise ngokunqoba kwakho, siphakamise ibhanela egameni likaNkulunkulu wethu. USimakade makaphumelelise konke okucelayo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Siyahalalisa ngensindiso yakho, siphakamise ibhandela* egameni likaNkulunkulu wethu; uJehova makagcwalise zonke izicelo zakho. Contemporary Zulu Bible 2024 Siyakuthokoza ngensindiso yakho, siphakamise izindinganiso zethu egameni likaNkulunkulu wethu; uJehova makagcwalise zonke izicelo zakho. |
Izwi lokwethaba nelokusindiswa lisemathendeni abaqotho, isandla sokunene sikaSimakade sigile izimanga.
Kepha mina ngethembele emseni wakho, inhliziyo yami mayethabe ngensindiso yakho.
nokho isilinganiso sakho siphumele emhlabeni wonke, namazwi akho emikhawulweni yomhlaba. Ulimisele ilanga ithende kuwo,
Simakade, inkosi iyethaba ngamandla akho; ithokoza kakhulu ngokuyihlenga kwakho.
Uyihlangabeze ngezibusiso ezinhle, wayethwesa umqhele wegolide elicwengekileyo ekhanda layo.
ukuze ngilande ngalo lonke udumo lwakho, ngilande ngemisebenzi yakho; emasangweni endodakazi yaseZiyoni, ngithokoze ngokungisindisa kwakho.
Ngalolo lusuku impande kaJese iyakuma njengebhanela lezizwe; abezizwe bayoyifuna, nendawo yayo iyokuba nodumo.
Kuyothiwa ngalolo lusuku: “Bheka, lo unguNkulunkulu wethu; simlindele, futhi uyakusisindisa, sisinde. Masijabule, sithokoze ngensindiso yakhe.”
Ngiyothokoza kakhulu ngoSimakade, umphefumulo wami wename ngoNkulunkulu wami, ngokuba ungembathise izingubo zensindiso, wangisibekela ngesembatho sokulunga, okomyeni ethwele umshuqulu njengomphristi, nanjengomakoti ezihlobise ngemvunulo.
Nakuba bonke abantu behamba kube yilowo nalowo egameni likankulunkulu wakhe, kodwa thina siyakuhamba egameni likaSimakade uNkulunkulu wethu, kuze kube phakade.”
nokho mina ngiyakujabula ngoSimakade, ngithokoze ngoNkulunkulu wensindiso yami.
Wayesephendula u-Eli wathi: “Hamba ngokuthula; uNkulunkulu ka-Israyeli makakunike okucelileyo kuye.”
UDavide wayesethi kumFilisti: “Wena uza kimi nenkemba, umkhonto nengcula, kodwa mina ngiza kuwe ngegama likaSimakade Wamabandla, uNkulunkulu wempi ka-Israyeli oyeyisileyo.