Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 17:45 - IsiZulu 2020

45 UDavide wayesethi kumFilisti: “Wena uza kimi nenkemba, umkhonto nengcula, kodwa mina ngiza kuwe ngegama likaSimakade Wamabandla, uNkulunkulu wempi ka-Israyeli oyeyisileyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

45 UDavide wayesethi kumFilisti: “Wena uza kimi nenkemba, nomkhonto, nengcula, kepha mina ngiza kuwe ngegama likaJehova Sebawoti, uNkulunkulu wempi ka-Israyeli oyeyisile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

45 UDavide wayesethi kumFilisti: “Wena uza kimi nenkemba, nomkhonto, nesihlangu; kepha mina ngiza kuwe egameni likaJehova Sebawoti, uNkulunkulu Sebawoti ka-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 17:45
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Asa waphuma ukuba abhekane naye, wawahlela amabutho akhe esigodini eZefatha, ngaseMaresha.


Ngamandla omuntu nje anaye, kodwa uSimakade uNkulunkulu wethu unathi ukuba asisize, alwe izimpi zethu.” Abantu bencika emazwini kaHezekiya, inkosi yakwaJuda.


Usizo lwethu lusegameni likaSimakade owenzile izulu nomhlaba.


Simakade, uyidwala lami nenqaba yami, noMkhululi wami, uNkulunkulu wami; uyidwala engikhosela kulo, isihlangu sami, nophondo lwensindiso yami, inqaba yami.


Bayowa bashaye ngamadolo phansi, kepha thina siyovuka, sime.


Insindiso ingekaSimakade; isibusiso sakho masibe kubantu bakho. Sela


Ngokuba angethembele emnsalweni wami, nenkemba yami ayingisindisanga.


Igama likaSimakade lingumbhoshongo onamandla; olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.


Ngubani lona omedelelile, nomethukile na? Ngubani lona omphakamisele izwi lakho, nobhekisa amehlo akho phezulu, umqhoshela na? Ngabe ukwenza lokhu koNgcwele ka-Israyeli!


“Ngiyakwazi ukusukuma kwakho, nokuhlala phansi kwakho; ukuphuma nokungena kwakho, nokubhovumula kwakho ngami;


ngokuba izikhali esilwa ngazo akusizo ezenyama, kodwa ngoNkulunkulu zinamandla okubhidliza izinqaba, zichithe imidlinzo emibi,


kungesikho ukuthi kukhona thina esingakukhomba sithi kuvela kithi, kodwa amandla ethu avela kuNkulunkulu,


Ngingakwenza konke ngaye ongiqinisayo.


UmFilisti wathi: “Ngiyazedelela namuhla izinhla zakwa-Israyeli; nginikeni umuntu, silwe naye.”


UDavide wakhuluma kubantu ababemi naye, wathi: “Uyokwenzelwani umuntu oyobulala lowo mFilisti, asuse ihlazo kwa-Israyeli na? Ungubani nje lowo mFilisti ongasokile ukuba ayeyise kanje impi kaNkulunkulu ophilayo?”


Inceku yakho yehlula ingonyama nebhele, nalo mFilisti ongasokile uyakuba njengenye yalokho, ngokuba weyise impi kaNkulunkulu ophilayo.”


Wayenezivikelo zethusi emilenzeni, nengcula yethusi phakathi kwamahlombe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka