Kwembulwa izisekelo zolwandle, nezisekelo zomhlaba zabonakaliswa ngenxa yokuthetha kukaSimakade, nokufutha kwamakhala akhe.
AmaHubo 18:15 - IsiZulu 2020 Ngenkathi Wena, Simakade, uzithethisa, lapho uzifutha ngamakhala akho, umphefumulo wakho uziqumbe phansi. Izinzulu zolwandle zavela obala, nezisekelo zomhlaba zaba kwabha. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwase kubonakala imisinga yamanzi; izisekelo zomhlaba zambulwa ngesijeziso sakho, Jehova, ngokufutha komoya wamakhala akho. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwase kubonakala imifula yamanzi, nezisekelo zomhlaba zambulwa ngokusola kwakho, Jehova, ngokufutha komoya wekhala lakho. |
Kwembulwa izisekelo zolwandle, nezisekelo zomhlaba zabonakaliswa ngenxa yokuthetha kukaSimakade, nokufutha kwamakhala akhe.
Bheka, ngizothumela kuye umoya, uyakuzwa umbiko, bese ebuyela ezweni lakubo, ngimwise khona ngenkemba.” ’ ”
Ngokuphephetha kukaNkulunkulu bayabhubha, ngomoya wentukuthelo yakhe, bayashabalala.
Umhlaba uwumise phezu kwezisekelo zawo, ukuze unganyakaziswa kuze kube phakade naphakade.
NguWena owaveza isiphethu nomfudlana; nguWena owomisa imifula egobhoza ingashi.
Izwi lokuduma kwakho lisesiphephweni, imibani yakhanyisa izwe, umhlaba wandindizela, wazamazama.
kodwa udumo lwami uluphakamise lwanjengophondo lwenyathi, ngagcotshwa ngamafutha amasha.
Ngokufutha kwamakhala akho amanzi ema aba yinqwaba, izikhukhula zaphakama njengendunduma, utwa lwashuba enhliziyweni yolwandle.
Kepha uyakwehlulela abampofu ngokulunga, alunqume ngokufaneleyo udaba lwabathobekileyo bomhlaba, uyakushaya umhlaba ngentonga yomlomo wakhe, ababulale ababi ngokuphefumula kwezindebe zakhe.
Indawo yakhe yokushisela ihlelwe kudala, ilungiselwe inkosi; uyenze yajula, yaba banzi, wabeka izinkuni eziningi, nokuphefumula kukaSimakade kunjengomfula wesibabule, kuyakuyithungela ngomlilo.
Usho kanje uSimakade, uthi: “Uma amazulu phezulu engake alinganiswe, nezisekelo zomhlaba emajukujukwini ziphenyisiswe; kulapho-ke Mina ngiyobalahla khona bonke abozalo luka-Israyeli, ngakho konke abakwenzileyo,” kusho uSimakade.
Ngazika ngafinyelela ezisekelweni zezintaba, endaweni yabafileyo. Izinsika zomhlaba zangivalela phakade; kepha Wena, Simakade Nkulunkulu wami, wayophula impilo yami emgodini.
Zwanini zintaba udaba lukaSimakade, nazi zisekelo zomhlaba eziqinileyo, ngokuba uSimakade unodaba ngabantu bakhe, uzakuqagulisana no-Israyeli.
USimakade uyakubonakala phezu kwabo, umcibisholo wakhe ushweze njengonyazi. INkosi uSimakade iyakushaya impalampala. Ihambe ngezivunguvungu zaseNingizimu.
Kwathi uSamuweli esenza umnikelo wokushiswa, asondela amaFilisti ukuzolwa no-Israyeli. USimakade waduma ngezwi elikhulu ngalolo lusuku wamelana namaFilisti, wawafaka ukudideka, anqotshwa kanjalo ngu-Israyeli.