Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 104:5 - IsiZulu 2020

5 Umhlaba uwumise phezu kwezisekelo zawo, ukuze unganyakaziswa kuze kube phakade naphakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Umisile umhlaba phezu kwezisekelo zawo, ukuze ungazanyazanyiswa kuze kube phakade naphakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Owabeka izisekelo zomhlaba, ukuze ungazanyazanyiswa kuze kube phakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 104:5
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wendlala inyakatho phezu kweze, aphanyeke umhlaba ezeni.


Ezizukulwaneni ngezizukulwane ukwethembeka kwakho kukhona; wamisa umhlaba; usemi.


owendlale umhlaba phezu kwamanzi, ngokuba umusa wakhe umi phakade;


ngokuba nguye owawumisa phezu kwezilwandle, wawusekela phezu kwemifula.


Ngokuba wakhuluma, kwaba khona, wayaleza, kwama, kwagxila.


USimakade uyiNkosi, wembethe ubukhosi, uSimakade uvunule, ubhince amandla. Izwe ulimise laqina, alinakunyakaziswa.


Shonini phakathi kwezizwe, nithi: “USimakade uyinkosi;” umhlaba umi uqinile, awunakunyakaziswa. Uyokwehlulela izizwe ngobuqotho.


lapho emisela ulwandle umkhawulo, ukuze amanzi angeqi umyalo wakhe; lapho emisa izisekelo zomhlaba,


Isizukulwane siyafika, sedlule, kodwa umhlaba umi ingunaphakade.


Kepha usuku lweNkosi luyakufika njengesela lapho amazulu eyakushabalala ngokushesha okukhulu; kuyakusha konke emlilweni, kubhujiswe; nomhlaba nayo yonke imisebenzi yawo, kungabe kusaba bikho.


Ngase ngibona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nohleli kuso; obuso bakhe babalekelwa yizulu nomhlaba, akwatholelwa ndawo.


izulu lagoqwa njengomqulu wencwadi usongwa, izintaba zonke neziqhingi zazimbulwa ezindaweni zazo.


Uyamvusa ompofu othulini, uyayiphakamisa impabanga ezaleni, abahlalise nezikhulu, badle ifa lesihlalo sobukhosi, ngokuba izisekelo zomhlaba zingezikaSimakade; ubekile izwe phezu kwazo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka