Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 7:10 - IsiZulu 2020

10 Kwathi uSamuweli esenza umnikelo wokushiswa, asondela amaFilisti ukuzolwa no-Israyeli. USimakade waduma ngezwi elikhulu ngalolo lusuku wamelana namaFilisti, wawafaka ukudideka, anqotshwa kanjalo ngu-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 USamuweli esanikela ngomnikelo wokushiswa, amaFilisti asondela ukulwa no-Israyeli; kepha uJehova waduma ngokuduma okukhulu phezu kwamaFilisti ngalolo suku, wawangquzula, abulawa phambi kuka-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

10 USamuweli esaletha umnikelo wokushiswa, amaFilisti asondela ukulwa no-Israyeli; banqotshwa phambi kukaIsrayeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 7:10
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngenkathi Wena, Simakade, uzithethisa, lapho uzifutha ngamakhala akho, umphefumulo wakho uziqumbe phansi. Izinzulu zolwandle zavela obala, nezisekelo zomhlaba zaba kwabha.


Izwi likaSimakade liphezu kwamanzi, uNkulunkulu wenkazimulo uyaduma; uSimakade uphezu kwamanzi amaningi.


Izwi likaSimakade linamandla. Izwi likaSimakade liyinkazimulo.


Izitha zayo yazichithela emuva, yazithela ngehlazo elingunaphakade.


Yayisithi kimi: “Lokhu yizwi likaSimakade eliqondiswe kuZerubhabhele elithi: ‘Kungabi ngempi, kungabi ngamandla, kodwa kube ngoMoya wami kuphela,’ kusho uSimakade Wamabandla.


“USimakade uyozenza izitha ezikuvukelayo ukuba zehlulwe phambi kwakho, ziyakuza kuwe zivela ngasendaweni eyodwa, kodwa ziyakubaleka ngezindlela eziyisikhombisa.


USimakade wabathela ngokudideka phambi kuka-Israyeli, owacekela phansi abaningi eGibheyoni, wabaxosha ngendlela ekhuphukela eBhethi Horoni, wabacekela phansi ngenkemba kwaze kwaba se-Azeka naseMakheda.


USimakade wamehlula ngenkemba uSisera nazo zonke izinqola zakhe zempi namabutho akhe phambi kukaBharaki, uSisera wehla enqoleni yakhe, wabaleka ngezinyawo.


Izinkanyezi zalwa ezulwini, emizileni yazo zalwa noSisera.


Bakhetha onkulunkulu abasha, kwase kuba khona impi emasangweni. Phakathi kwezinkulungwane ezingamashumi amane kwa-Israyeli, ukhona yini owake waphatha isihlangu nomkhonto, na?


Angithi namuhla yisikhathi sokuvuna ukolo na? Ngizokhuleka kuSimakade ukuba alethe ukuduma nemvula, ukuze nazi, nibone ukuthi bukhulu kangakanani ububi enibenzile emehlweni kaSimakade ngokucela inkosi.”


Kwaba khona ukuthuthumela enkanjini, endle, nakubo bonke abantu. Ibutho nabaphangi bathuthumela, umhlaba wazamazama, kwaba ngukuthuthumela okukhulu.


Abamelana noSimakade bayakuphahlazwa; uyakuduma phezu kwabo esezulwini. USimakade uyakwehlulela amajukujuku omhlaba, aphe inkosi yakhe amandla, ogcotshiweyo wakhe amphakamise.”


Amadoda akwa-Israyeli aphuma eMizpha awaxosha amaFilisti, awabulala kwaze kwaba seBhethi Khari.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka