AmaHubo 16:1 - IsiZulu 2020 Ngilondoloze Nkulunkulu, ngoba uyisiphephelo engikhosela kuso. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngilondoloze, Nkulunkulu, ngokuba ngiyaphephela kuwe. Contemporary Zulu Bible 2024 (UMiktamu kaDavide.) Ngilondoloze, Nkulunkulu, ngokuba ngithemba wena. |
Abamethembayo uSimakade bafana nentaba iZiyoni engenakunyakaziswa, kepha emi phakade.
Ubusisiwe lowo omsizi wakhe kunguNkulunkulu kaJakobe, othemba lakhe likuSimakade uNkulunkulu wakhe,
basho nokusho bathi: “Makabeke indaba yakhe kuSimakade; Yena makamkhulule. Makamsindise ngoba uthokozile ngaye!”
Londoloza umphefumulo wami, ungikhulule, ungavumi ngithelwe ngehlazo, ngokuba mina ngiphephela kuwe.
Mthandeni uSimakade nina nonke abamethembayo. USimakade uyabalondoloza abathembekileyo, aziphindiselele kulowo ozidlayo.
Ngokuba uSimakade uyabuthanda ubulungiswa, abathembekileyo bakhe akabashiyi. Ubalondoloza kuze kube phakade, kodwa abozalo lwababi bazobhujiswa.
Nkulunkulu, yiba nomusa kimi, ngokuba abantu bafuna ukungenzakalisa. Bangilwisa usuku lonke, bayangicindezela.
Nkulunkulu usilahlile, usibhubhisile, ngoba usithukuthelele; ake usivuselele futhi.
Simakade, Nkulunkulu wami, ngiyaphephela kuwe; ngisindise, ungikhulule kubo bonke abangixoshayo,
Nina enithanda uSimakade kuzondeni okubi, Yena olondoloza imiphefumulo yabathembekile, abasindise ezandleni zezikhohlakali.
Thina ngokwethu sazibonela ukufa, ukuze singazethembi thina, kodwa sethembele kuNkulunkulu ovusa abafileyo.
okungenxa yalo ngihlupheka. Kodwa anginamahloni, ngokuba ngiyamazi engikholwa kuye, futhi nginesiqiniseko sokuthi Yena unamandla okulondoloza lokho angithwese khona, kuze kufike lolo lusuku.