Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 56:1 - IsiZulu 2020

1 Nkulunkulu, yiba nomusa kimi, ngokuba abantu bafuna ukungenzakalisa. Bangilwisa usuku lonke, bayangicindezela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Yiba nomusa kimi, Nkulunkulu, ngokuba abantu bafuna ukungigwinya; usuku lonke bayangicindezela belwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kumholi wokuhlabelela ngoJonathelemrekhokimi, uMiktamu kaDavide, lapho amaFilisti emthatha eGati. Ngihawukele, Nkulunkulu, ngokuba umuntu angangidla; olwa imihla ngemihla uyangicindezela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 56:1
25 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Umhlaba wavuleka, wamgwinya uDathani, wagqiba iviyo lika-Abhiramu.


ngabe sebesigwinyile, ekuvutheni kolaka lwabo kithina.


owabulala amazibulo abaseGibhithe, amazibulo alo, ngokuba umusa wakhe umi phakade;


owachitha uFaro nempi yakhe oLwandle Lomhlanga, ngokuba umusa wakhe umi phakade;


Ngomusa wakho uzishabalalise izitha zami, ubabhubhise bonke abahlupha umphefumulo wami, ngokuba ngiyinceku yakho.


Ngilondoloze Nkulunkulu, ngoba uyisiphephelo engikhosela kuso.


Ngesikhathi sentukuthelo yakho, uyobenza bafane nesithando somlilo. USimakade uyobasobozela ngentukuthelo yakhe, umlilo ubashwabadele.


Lapho abenzi bokubi besondela kimi ukuba bangisoconge, abamelene nami nezitha zami bayokhubeka, baqumbeke phansi.


Yiba nomusa kimi, Simakade, ngokuba ngisenkathazweni, iso lami liyafiphala ngenxa yosizi, nomphefumulo nomzimba wami.


Bangathi ezinhliziyweni zabo: “Ehhe, kuye ngesifiso sethu!” “Simgwinyile.”


Kungabe impela nikhuluma ukulunga nobuqotho na? Madodana abantu, ngabe nehlulela ngobuqotho na?


Nkulunkulu wami, ngikhulule ezitheni zami, ungivikele kwabangivukelayo.


UNkulunkulu wami uzongihlangabeza ngomusa wakhe; uNkulunkulu uzongibonisa izitha zami zinqotshwa.


Nkulunkulu usilahlile, usibhubhisile, ngoba usithukuthelele; ake usivuselele futhi.


Masibagwinye bezwa okwendawo yakwalasha, sibaphonse egodini bephila.


Zonke izitha zakho ziyakuhleka, ziyakubhuqa; zikugedlela amazinyo, zithi: “Siligwinyile, impela yilona lolu suku obekukade silulindele, manje silutholile, silubonile.”


INkosi izibhubhise ngokungenaluzwelo, zonke izindawo okuhlala kuzo uJakobe. Ngentukuthelo yayo, izibhidlizile izigqaba zendodakazi uJuda, yaqumba phansi emhlabathini umbuso, nababusi yabathela ngehlazo.


INkosi yaphenduka yanjengesitha, yambhubhisa u-Israyeli, yachitha zonke izigodlo zakhe, yabhidliza izinqaba zakhe, yandisa ukukhala nokulila endodakazini uJuda.


U-Israyeli uyagwinywa, manje sebephakathi kwabezizwe njengesitsha okungekho ntokozo kuso.


Kepha lapho okubolayo sekwembethe ukungaboli, nokufayo sekwembethe ukungafi, kuzakugcwaliseka izwi elilotshiweyo, elithi: “Ukufa kugingiwe kwaba ngukunqoba.”


Abakhuzi bempi yamaFilisti bamthukuthelela, bathi kuye: “Mbuyisele emuva lowo muntu, makabuyele endaweni yakhe ombeke kuyo, angehli nathi aye empini, funa abe yisitha sethu empini. Yini lo angazincengela ngayo enkosini yakhe uma engezincengele ngamakhanda alawo madoda na?


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka