Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 146:3 - IsiZulu 2020

Ningathembeli ezikhulwini nasemadodaneni abantu, eningeke nathola lusizo kubo.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ningethembi ezikhulwini nasendodaneni yomuntu okungekho kuyo ukusiza.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ningathembeli ezikhulwini nasendodaneni yomuntu okungekho kuyo ukusiza.

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 146:3
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha yathi: “Uma uSimakade engakusizi, mina ngingalutholaphi usizo na? Esibuyeni noma esikhamweni sewayini?”


Ngaleso sikhathi kwafika uHanani, umboni ku-Asa, inkosi yakwaJuda, wathi kuye: “Ngenxa yokuba manje uthembele enkosini yase-Aramu, awuthembelanga kuSimakade uNkulunkulu wakho, ngakho-ke impi yenkosi yase-Aramu iphunyukile esandleni sakho.


Siphe ukuba sisizakale ekuhluphekeni, ngokuba ukusiza komuntu kuyize.


Sisize esitheni, ngokuba ukuhlenga kwabantu kuyize.


Abantukazana bangumoya nje, nezikhulu zingamabunga, uma bekalwa isilinganiso siyenyuka, kodwa bonke balula kunomoya.


Bayekeni abantu abamphefumulo usemakhaleni abo, ngokuba bayini nje nempela?


“Ngalolo lusuku,” kusho uSimakade Wamabandla. “Isikhonkwane esasibethelwe endaweni eqinileyo siyobhoncuka, sikhishwe, siyowa kuthi nomthwalo obukuso unqunywe,” kusho uSimakade.


AbaseGibhithe bangabantu, abasiye uNkulunkulu, namahhashi abo ayizilwane, awasiwo umoya. Lapho uSimakade elula isandla sakhe, umsizi uyokhubeka, nosizwayo awe, babhubhe kanyekanye.


u-Izaya wathi kuzo: “Niyosho enkosini yenu, nithi: ‘Usho kanje uSimakade: “Ungawesabi amazwi owezwileyo, izinceku zenkosi yase-Asiriya ezingethuke ngawo.