Mphefumulo wami, kungani udangele, uyaluza ngaphakathi kwami na? Themba uNkulunkulu, ngokuba ngisazomdumisa ngokusindisa kobukhona bakhe.
AmaHubo 131:2 - IsiZulu 2020 Ngiwududuzile, ngawuthulisa umphefumulo wami, njengomntwana elunyulwa ebeleni likanina, unjalo-ke nomphefumulo wami ngaphakathi kimi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngiduduzile, ngawuthulisa umphefumulo wami; njengomntwana olunyuliweyo kunina, njengolumulekileyo, unjalo umphefumulo wami phakathi kwami. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngempela, ngaziphatha futhi ngazolisa njengomntwana olunyuliwe kunina; umphefumulo wami unjengomntwana olunyuliweyo. |
Mphefumulo wami, kungani udangele, uyaluza ngaphakathi kwami na? Themba uNkulunkulu, ngokuba ngisazomdumisa ngokusindisa kobukhona bakhe.
Mphefumulo wami, kungani udangele, uyaluza ngaphakathi kimi na? Themba uNkulunkulu, ngokuba ngisazomdumisa ngokusindisa kobukhona bakhe.
Mphefumulo wami, kungani udangele, uyaluza ngaphakathi kwami na? Themba uNkulunkulu, ngokuba ngisazomdumisa uMsindisi wami, noNkulunkulu wami.
Mphefumulo wami, thula, ulindele uNkulunkulu kuphela, ngokuba insindiso yami ivela kuye.
Ngokuba yasho njalo iNkosi uSimakade oNgcwele ka-Israyeli, yathi: “Lapho niphenduka niphumula, niyakusindiswa, amandla enu abe sekuthuleni nasekwethembeni, kepha anithandanga.
Ngiqinisile ngithi kini: yilowo nalowo ongawemukeli umbuso kaNkulunkulu njengomntwana, kasoze angena kuwo.”
Bazalwane, ningabi ngabantwana ngengqondo, kepha yibani njengezingane ebubini, ekuqondeni nibe ngabakhulileyo.
Uyabona-ke, namuhla uzibonele ngawakho amehlo ukuthi uSimakade ubekunikele esandleni sami emgedeni. Abanye bathe mangikubulale, kepha ngakuhawukela, ngathi: ‘Angisoze ngiyibulale inkosi yami, ngokuba ingogcotshiweyo kaSimakade.’
UDavide wayekhathazekile kakhulu, ngoba abantu base bebhunga ngokumkhanda ngamatshe, lokhu izinhliziyo zabo bonke abantu zazinomunyu, ngenxa yamadodana namadodakazi abo. Kepha uDavide wathola amandla kuSimakade uNkulunkulu wakhe.