Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 24:10 - IsiZulu 2020

10 Uyabona-ke, namuhla uzibonele ngawakho amehlo ukuthi uSimakade ubekunikele esandleni sami emgedeni. Abanye bathe mangikubulale, kepha ngakuhawukela, ngathi: ‘Angisoze ngiyibulale inkosi yami, ngokuba ingogcotshiweyo kaSimakade.’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Bheka, namuhla amehlo akho abonile ukuthi uJehova wayekunikele esandleni sami emhumeni; abanye bathi mangikubulale, kepha ngakuhawukela, ngathi: ‘Angiyikwelulela isandla sami kuyo inkosi yami, ngokuba ingogcotshiweyo kaJehova.’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Bhekani, namuhla amehlo enu abonile ukuthi uJehova ubekunikele namuhla esandleni sami emhumeni; futhi abanye bangilaya ukuthi ngikubulale; ngathi: Kangiyikwelulela isandla sami enkosini yami; ngoba ungogcotshiweyo weNkosi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 24:10
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ethi: “Ningabathinti abagcotshiweyo bami, ningabalimazi abaphrofethi bami.”


Ngokuba intonga yezikhohlakali ayinakuhlala phezu kwesabelo sabalungileyo, funa abalungileyo benze okungalungile ngezandla zabo.


Simakade, Nkulunkulu wami, uma ngikwenzile lokho, uma kukhona ukungalungi ezandleni zami,


uma ngiphindise ngokubi kohlalisene ngokuthula nami, ngaphanga isitha sami ngaphandle kwesizathu,


Kepha uma kube yingozi engakusophile, kunguNkulunkulu omnikele esandleni sakhe, ngiyakummisela indawo lapho eyobalekela khona.


Abantu abahlebayo babekuwe ukuba bachithe igazi, badla kuwe ezintabeni, bekuwe benza ubufebe.


“ ‘Awuyukuhamba unyevuza phakathi kwabantu bakini. Awuyukufuna nzuzo ngegazi likamakhelwane wakho; nginguSimakade.


Abantu bakaDavide bathi kuye: “Bheka, nantu usuku uSimakade akhuluma ngalo kuwe, ethi: ‘Uyabona-ke, ngiyakunikela isitha sakho esandleni sakho, wenze okubona kukuhle kuwe.’ ” Wayesesuka uDavide, wasika ngasese umphetho wengubo kaSawule.


UDavide wayesethi kuSawule: “Uwalaleleleni amazwi abekhulunywa ngabantu abathi: ‘Bheka, uDavide ufuna ukukulimaza’?


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka