Ngizigcinile izindlela zikaSimakade; angikwenzanga okubi ngokufulathela uNkulunkulu wami.
AmaHubo 128:1 - IsiZulu 2020 Ubusisiwe wonke umuntu owesaba uSimakade, ohamba ngezindlela zakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Babusisiwe bonke abamesabayo uJehova, abahamba ngezindlela zakhe. Contemporary Zulu Bible 2024 (Ihubo.) Babusisiwe bonke abamesabayo uJehova; abahamba ngezindlela zakhe. |
Ngizigcinile izindlela zikaSimakade; angikwenzanga okubi ngokufulathela uNkulunkulu wami.
Mbonge uSimakade, mphefumulo wami, konke okungaphakathi kimi makulibonge igama lakhe elingcwele.
Njengalokhu uyise ebahawukela abantwana bakhe, kanjalo noSimakade uyabahawukela abamesabayo.
Kepha umusa kaSimakade uphezu kwabamesabayo phakade naphakade, nokulunga kwakhe kubantwana babantwana,
Haleluya! Ubusisiswe umuntu owesaba uSimakade, othokoza kakhulu ngemiyalelo yakhe.
Abamethembayo uSimakade bafana nentaba iZiyoni engenakunyakaziswa, kepha emi phakade.
Uma uSimakade engayakhi indlu, basebenzela ize abayakhayo; uma uSimakade engawuvikeli umuzi, umlindi wawo uwuqaphelele ize.
Babelungile bobabili phambi kukaNkulunkulu, behamba ngayo yonke imiyalo nezimiso zeNkosi, bengasoleki.
Ngakho-ke ibandla laba nokuthula kulo lonke iJudiya, eGalile, naseSamariya, lakheka, lihamba ngokuyesaba iNkosi, nangenduduzo kaMoya oNgcwele, likhula kakhulu.
Elokugcina, bazalwane, siyaninxusa, sinigqugquzela eNkosini uJesu ukuba njengalokhu nakwemukela kithi ukuthi nifanele niziphathe, futhi nimthokozise kanjani uNkulunkulu, njengalokhu nivele nenza kanjalo, khuthalani-ke kakhulu ukwenza lokho.