Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 103:13 - IsiZulu 2020

13 Njengalokhu uyise ebahawukela abantwana bakhe, kanjalo noSimakade uyabahawukela abamesabayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Njengoyise ehawukela abantwana bakhe, kanjalo uJehova uyabahawukela abamesabayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Njengoyise ehawukela abantwana bakhe, kanjalo uJehova uhawukela abamesabayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 103:13
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngokuba njengokuphakama kwezulu phezu komhlaba, unjalo umusa wakhe phezu kwabamesabayo.


Kepha umusa kaSimakade uphezu kwabamesabayo phakade naphakade, nokulunga kwakhe kubantwana babantwana,


USimakade ujatshuliswa ngabamesabayo, labo abathembela emuseni wakhe.


Ngokuba uSimakade uyamyala amthandayo, njengoyise eyala indodana ayithandayo.


Ngabe u-Efrayimi uyindodana yami ethandekayo na? Ngabe uyingane engithokoza ngayo na? Nakuba ngivame ukukhuluma kabi ngaye, nokho ngisamkhumbula. Ngakho-ke izibilini zami ziyamhawukela; ngiyakuba nesihe impela kuye,” kusho uSimakade.


Bayakuza bekhala, bekhuleka; lapho ngibabuyisa, ngiyakubaholela emifuleni yamanzi, ngendlela eqondileyo abangayukukhubeka kuyo, ngokuba nginguyise ka-Israyeli, no-Efrayimi uyizibulo lami.


Kepha nalapho besesezweni lezitha zabo angiyukubalahla, angiyukunengwa yibo ukuba ngingaze ngibaqothule, ngephule isivumelwano sami nabo, ngokuba nginguSimakade uNkulunkulu wabo.


“Kodwa kini enilesabayo iGama lami, kuyakuphuma ilanga lokulunga, linokuphilisa emaphikweni alo. Niyakuphuma, nitshakadule njengamathole esibayeni.


Ngabe bonke laba bantu bakhulelwa yimi, futhi bazalwa yimi yini na? Kodwa uthi kimi: ‘Bagone wena esifubeni sakho njengomzanyana egone umntwana oncelayo, ubayise ezweni owalifungela oyise na?’


Ngokuba konke lokhu kufunwa ngabezizwe; ingani uYihlo wasezulwini uyazi ukuthi niyakudinga konke lokhu.


Ngakho-ke anokhuleka kanje: “ ‘Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho;


UJesu wathi kuye: “Ungangithinti, ngokuba angikenyukeli kuBaba. Kepha hamba uye kubazalwane bami, ubatshele ukuthi ngenyukela kuBaba noYihlo, kuNkulunkulu wami noNkulunkulu wenu.”


“Madoda, bazalwane, madodana olibo luka-Abhrahama, nalabo phakathi kwenu abesaba uNkulunkulu; izwi lale nsindiso lithunyelwe kithi.


Yonke leyo mizi yayibiyelwe ngezingange eziphakemeyo, inamasango nemigoqo, ngaphandle kwemizana eminingi kakhulu eyayingabiyelwe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka