Ngiphakamisela amehlo ami ezintabeni, usizo lwami luyakuvelaphi na?
Ngiphakamisela amehlo ami ezintabeni; usizo lwami luvelaphi na?
(Ihubo.) Ngiphakamisela amehlo ami ezintabeni, usizo lwami luvelaphi na?
Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuSimakade, wangiphendula.
Ngizowaphakamisela kuwe amehlo ami, Wena ohleli ezulwini.
“Mina ngiyibekile inkosi yami, entabeni yami engcwele iZiyoni.”
Kepha yaqoka isizwe sakwaJuda, intaba iZiyoni eyithandayo.
Isisekelo sakhe sisezintabeni ezingcwele.
Abantu abaningi bayofika, bathi: “Wozani senyukele entabeni kaSimakade, endlini kaNkulunkulu kaJakobe, ukuze asifundise izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe,” ngokuba umthetho uyakuphuma eZiyoni, nezwi likaSimakade, eJerusalema.
Impela amagquma ayize nomsindo wezintaba. Ngokwempela, ukusindiswa kuka-Israyeli kukuSimakade uNkulunkulu wethu.