Ngokuba uNkulunkulu uyazi ukuthi mhla nisidla, amehlo enu ayovuleka, nifane naye, nazi okuhle nokubi.”
AmaHubo 12:4 - IsiZulu 2020 Labo abathi: “Thina sigabe ngolimi lwethu. Sisho umathanda ngalo. Pho iphi le nkosi ethi ingasiphatha na?” IBHAYIBHELI ELINGCWELE abathi: “Siyakunqoba ngolimi lwethu; izindebe zethu zinathi; ngubani oyinkosi phezu kwethu na?” Contemporary Zulu Bible 2024 Abathi: Ngolimi lwethu siyakunqoba; izindebe zethu ngokwethu; ngubani oyinkosi phezu kwethu na? |
Ngokuba uNkulunkulu uyazi ukuthi mhla nisidla, amehlo enu ayovuleka, nifane naye, nazi okuhle nokubi.”
Ngiyazi ukuthi uSimakade uyabamela abahluphekayo, abehlulele ngobulungiswa abampofu.
Kepha uFaro wathi: “Ungubani uSimakade ukuthi ngingalalela izwi lakhe, ngivumele u-Israyeli ahambe na? Angimazi uSimakade, futhi anginakumdedela u-Israyeli ahambe.”
Umlomo wolungileyo ukhuluma ukuhlakanipha, kodwa ulimi oluphambeneyo luyanqunywa.
Base bethi: “Wozani simakhele uzungu uJeremiya, ngokuba umyalelo awuyukulahleka ngomphristi, ukweluleka ngohlakaniphileyo, nezwi ngomphrofethi; wozani simhlasele ngamazwi ethu, singalinaki nelilodwa lamazwi akhe.”
“Wena sizukulwane, lalela izwi likaSimakade. “Ngike ngaba yini yihlane ku-Israyeli, noma izwe lesigayegaye na? Kungani abantu bami bethi: ‘Sesidlubulundile, asisayukubuyela kuwe,’ na?
Manje uma nilungele ukuba ngesikhathi enizwa ngaso ukukhala kwecilongo, igekle, ihabhu, umqangala, ugubhu, igemfe, nazo zonke izinhlobo zokubethwayo, niwe phansi, nikhuleke esithombeni engisenzileyo, kuhle; kepha uma ningakhuleki, niyakuphonswa ngaso leso sikhathi phakathi kwesithando somlilo ovuthayo; ngumuphi lowo nkulunkulu onganophula esandleni sami na?”
omelene nakho konke, nozikhukhumezayo kukho konke okubizwa ngoNkulunkulu noma yini ekhonzwayo, aze azihlalise ethempelini likaNkulunkulu, ezenza uNkulunkulu.