UGenesise 3:5 - IsiZulu 20205 Ngokuba uNkulunkulu uyazi ukuthi mhla nisidla, amehlo enu ayovuleka, nifane naye, nazi okuhle nokubi.” Uka jalj uñjjattʼätaIBHAYIBHELI ELINGCWELE5 kepha uNkulunkulu uyazi ukuthi mhla nizidla, kuyakuvuleka amehlo enu, nibe njengoNkulunkulu, nikwazi okuhle nokubi.” Uka jalj uñjjattʼätaContemporary Zulu Bible 20245 Ngoba uNkulunkulu uyazi ukuthi mhla lisidla, amehlo enu azavuleka, njalo lizakuba njengonkulunkulu, likwazi okuhle lokubi. Uka jalj uñjjattʼäta |
Ngakho-ke ningamvumeli uHezekiya anikhohlise, aniyenge ngale ndlela; ningakholwa nguye, ngokuba akuzange kube khona nkulunkulu kunoma yisiphi isizwe nombuso owaba namandla okusindisa abantu bakhe esandleni sami, nasesandleni sobaba. Nina-ke nicabanga ukuthi owenu uNkulunkulu anganisindisa esandleni sami na?”
“Ndodana yomuntu, yisho kumbusi waseThire, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “ ‘ “Uqhoshile enhliziyweni yakho, wathi: “ ‘ “Ngingunkulunkulu, ngihlala esihlalweni sonkulunkulu, phakathi olwandle.” “ ‘Ingani wena ungumuntu nje, awusiye unkulunkulu, nakuba wenze inhliziyo yakho yaba njengekankulunkulu.
Bonke omengameli bombuso, ababusi, izikhulu, abomkhandlu, nezinduna babonisene ukuba kumiswe isimiso senkosi, kumenyezelwe isiyalezo esiqinileyo sokuthi yilowo nalowo ocela isicelo kunoma yimuphi unkulunkulu noma kumuntu ngezinsuku ezingama-30, ngaphandle kwakho nkosi, uyakuphonswa emphandwini wezingonyama.