UNkulunkulu wabona ukuthi umhlaba wonakele, ngokuba bonke abantu babeziphethe kabi emhlabeni.
AmaHubo 12:1 - IsiZulu 2020 Yelekelela, Simakade, ngokuba akusekho muntu oqotho, nabebethembekile abasekho kubantu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Siza, Jehova, ngokuba owesaba uNkulunkulu akasekho, ngokuba banyamalele abathembekileyo kubantwana babantu. Contemporary Zulu Bible 2024 Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide. Siza, Jehova! ngoba owesaba uNkulunkulu uphelile; ngoba abathembekileyo baphelile phakathi kwabantwana babantu. |
UNkulunkulu wabona ukuthi umhlaba wonakele, ngokuba bonke abantu babeziphethe kabi emhlabeni.
UMathithiya, u-Elifelehu, uMikhineya, u-Obhede Edomi, uJehiyeli, no-Azaziya, babephethe amahabhu alungiselwe iSheminithi ukuba bahole.
Vuka, Simakade, ngisindise Nkulunkulu wami. Uzishayile zonke izitha zami emihlathini; wawawohloza amazinyo ezonakali.
Buya, Simakade, ukhulule impilo yami, ngisindise ngenxa yesihe sothando lwakho.
Abantu abaningi bazishaya abalungileyo, kodwa ngubani ongafumana umuntu othembekileyo na?
Ukuba uSimakade Wamabandla ubengasishiyelanga insali, besiyakufana neSodoma, sibe njengeGomora.
Olungileyo uyabhubha, akekho okubeka enhliziyweni lokho; abantu abanomusa bayasuswa, kungaqondi muntu. Olungileyo uyasuswa enhlekeleleni,
Akekho omemeza ngokulunga, akekho nowehlulela ngeqiniso; bethembela kokuyize, bakhuluma amanga; bakhulelwe ububi, bazala inkohlakalo.
Ngabheka, kodwa kwakungekho ongisizayo; ngamangala, kodwa kwakungekho osekelayo; yayisingisindisa ingalo yami, nolaka lwami lwangisekela.
“Yehlani nenyuka emigwaqweni eJerusalema, nibheke nxazonke, niqaphele, nicinge ezigcawini zalo, uma niyofumana umuntu abe munye vo owenza ubulungiswa, ofuna iqiniso; khona ngiyolithethelela.
Kepha kuthe ebona umoya onamandla, wesaba; eseqala ukucwila wakhala wathi: “Nkosi, ngisindise!”