Ngesihawu sakho hlenga impilo yami, ukuze ngibugcine ubufakazi bakho obusho ngomlomo wakho.
Ngiphilise ngokomusa wakho, ukuze ngigcine ubufakazi bomlomo wakho.
Ngiphilise ngokomusa wakho; kanjalo ngiyakugcina ubufakazi bomlomo wakho.
Inceku yakho iphathe ngomusa wakho, ungifundise izimiso zakho.
Ngikhala kuwe, ngisindise; ngizobugcina ubufakazi bakho.
Simakade, yizwa izwi lami ngokomusa wakho, ungiphilise ngokwezehlulelo zakho.
Bheka ukuthi ngizithanda kangakanani iziyalezo zakho, Simakade; ngiphilise ngokomusa wakho.
Babusisiwe abagcina imiyalo yakhe, abamfuna ngenhlizyo epheleleyo,
Umphefumulo wami unamathela othulini; ngiphilise ngokwezwi lakho.
Ngilangazelela iziyalezo zakho; ngokulunga kwakho ngiphilise.
Uma abantwana bakho besigcina isivumelwano sami nobufakazi bami engiyobafundisa bona, impela abantwana babo bayohlala esihlalweni sakho kuze kube phakade.”
Zonke izindlela zikaSimakade ziyisihawu nokwethembeka kulabo abagcina isivumelwano sakhe, nobufakazi bakhe.
Wamisa isiyalo kwaJakobe, washaya umthetho kwa-Israyeli, wayala ukuba okhokho bethu bawufundise abantwana babo,