AmaHubo 118:28 - IsiZulu 2020 Wena unguNkulunkulu wami, ngiyakubonga, Nkulunkulu wami, ngiyakuphakamisa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wena unguNkulunkulu wami, ngiyakukubonga; Nkulunkulu wami, ngiyakukuphakamisa. Contemporary Zulu Bible 2024 Wena unguNkulunkulu wami, futhi ngifuna ukukudumisa; Wena unguNkulunkulu wami, ngizokuphakamisa. |
Ngifundise ukwenza intando yakho, ngokuba Wena unguNkulunkulu wami, uMoya wakho omuhle mawungihole emhlabathini ohlelembekile.
Ngiyakuphakamisa Wena Nkulunkulu wami, Nkosi, ngilituse igama lakho phakade naphakade.
Ngisaphila ngizomdumisa uSimakade, ngihube kuNkulunkulu wami ngisadla anhlamvana.
USimakade ungamandla ami nesivikelo sami, uyinsindiso yami, lona nguNkulunkulu wami, ngizokumtusa, nguNkulunkulu kababa, ngizokumphakamisa.
UNkulunkulu uyinsindiso yami; ngiyakumethemba, angiyukwesaba, ngokuba uSimakade, Yena ungamandla ami nezikhwepha zami; uyinsindiso yami.”
Wena Simakade unguNkulunkulu wami; ngizokuphakamisa ngilidumise igama lakho, ngokuba wenze izimangaliso ezacetshwa emandulo, ngokwethembeka nangeqiniso.
Kuyothiwa ngalolo lusuku: “Bheka, lo unguNkulunkulu wethu; simlindele, futhi uyakusisindisa, sisinde. Masijabule, sithokoze ngensindiso yakhe.”