Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 118:27 - IsiZulu 2020

27 USimakade unguNkulunkulu, usikhanyisele, hlobisani umkhosi ngamahlamvu, kuze kube sezimpondweni ze-althare.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 UJehova unguNkulunkulu, usikhanyisele; hlobisani umkhosi ngamahlamvu kuze kube sezimpondweni ze-altare.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

27 UNkulunkulu unguJehova owenza ukuba sibone ukukhanya; bopha umnikelo ngezintambo ezimpondweni ze-altare.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 118:27
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Eliya wasondela kubo bonke abantu, wathi: “Kuyoze kube nini ninqikaza phakathi kwezinhlangothi ezimbili na? Uma uSimakade enguNkulunkulu, mlandeleni Yena, kodwa uma kunguBhali, landelani yena.” Kepha abantu kabamphendulanga ngazwi.


Abantu bonke bakubona lokho bawa ngobuso, bathi: “USimakade nguye onguNkulunkulu; uSimakade nguye onguNkulunkulu.”


Ngakusasa bamhlabela uSimakade imihlatshelo, banikela ngeminikelo yokushiswa kuSimakade: izinkunzi eziyinkulungwane, izinqama eziyinkulungwane, amawundlu ayinkulungwane neminikelo yakho yokuphuzwayo, nemihlatshelo eminingi evela ku-Israyeli wonke.


KumaJuda kwakunokukhanya, nenjabulo, nentokozo, nokuhlonipheka.


USimakade uNkulunkulu wami, ukhanyisa isibani sami, akhanyise ubumnyama bami.


Ukulunga kwakho kukhanye njengelanga; nobulungiswa njengemini.


Uyokwenza izimpondo zalo emakhoneni omane alo, izimpondo zalo zibe yinto eyodwa ne-althare, ulicake ngethusi.


Wenza izimpondo emakhoneni alo omane, izimpondo zazenzelwe kulo; wazemboza ngethusi.


“Vuka ukhanye, ngokuba ukukhanya kwakho kufikile; nenkazimulo kaSimakade iphumele phezu kwakho.


Abantu ababehamba ebumnyameni, babonile ukukhanya okukhulu. Labo abahlala ezweni elimnyama bhuqe, ukukhanya kuyakubakhanyisela.


Ngiyakubhekana nolaka lukaSimakade, ngokuba ngonile kuye, aze alumele udaba lwami, angenzele ubulungiswa, angikhiphele ekukhanyeni, ngibone ukulunga kwakhe.


“Kodwa kini enilesabayo iGama lami, kuyakuphuma ilanga lokulunga, linokuphilisa emaphikweni alo. Niyakuphuma, nitshakadule njengamathole esibayeni.


Ngakho uJesu wabuye wakhuluma kubo, wathi: “Mina ngingukukhanya kwezwe. Ongilandelayo kasoze ahamba ebumnyameni, kodwa uyakuba nokukhanya kokuphila.”


Ngakho-ke ngaye, masinikele umhlatshelo wokudumisa kuNkulunkulu, okuyisona sithelo sezindebe zomlomo wethu, sivume igama lakhe.


Kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubuphristi basebukhosini, isizwe esingcwele, abantu abangabakaNkulunkulu, ukuze nishumayele ngobuhle balowo owanibiza, ukuba niphume ebumnyameni ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka