Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 145:1 - IsiZulu 2020

1 Ngiyakuphakamisa Wena Nkulunkulu wami, Nkosi, ngilituse igama lakho phakade naphakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ngiyakukuphakamisa wena Nkulunkulu wami, Nkosi, ngilituse igama lakho phakade naphakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 (Ihubo lokudumisa likaDavide.) Ngiyakukubonga, Nkulunkulu wami, nkosi; ngiyakulidumisa igama lakho kuze kube phakade naphakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 145:1
31 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngalokho-ke, Nkulunkulu wethu, siyakubonga, siyalidumisa igama lakho elitusekayo.


Hlokoma kuSimakade ngezwi lokuhalalisa, mhlaba wonke.


Wena unguNkulunkulu wami, ngiyakubonga, Nkulunkulu wami, ngiyakuphakamisa.


Umlomo wami uyokhuluma ngodumo lukaSimakade, abantu bonke babonge igama lakhe elingcwele kuze kube phakade.


Ngisaphila ngizomdumisa uSimakade, ngihube kuNkulunkulu wami ngisadla anhlamvana.


U-Israyeli makathokoze ngoMenzi wakhe, abantwana baseZiyoni bethabele iNkosi yabo.


Ngiyakuphakamisa Simakade, ngokuba ungitakulile, awuvumanga ukuba izitha zami zithokoze ngami.


ukuze umphefumulo wami ukudumise, ungaphezi. Simakade, Nkulunkulu wami, ngizokubonga kuze kube phakade.


Simakade, Nkulunkulu wami, ngikhale kuwe ngicela usizo, wangiphulukisa.


USimakade ngimbonga ngezikhathi zonke; izibongo zakhe zizohlala zisemlonyeni wami njalo njalo.


Wena uyiNkosi yami, Nkulunkulu, yaleza ukunqoba kukaJakobe.


Inhliziyo yami iyaphuphuma ngenxa yendaba enhle, ngikhuluma ngegama engiliqambe ngenkosi, ulimi lwami lulusiba lobhala ngokushesha.


Nkulunkulu, isihlalo sakho sobukhosi simi kuze kube phakade. Intonga yokulunga iyintonga yombuso wakho.


Yizwa izwi lokukhala kwami, Nkosi yami, Nkulunkulu wami, ngokuba ngikhuleka kuwe.


Simakade, ekuseni uyalizwa izwi lami; ekuseni ngethula kuwe isicelo sami, ngilinde.


Ngizokudumisa kuze kube phakade, ngokuba ukwenzile lokho. Ngizolindela igama lakho, ngokuba lihle phambi kwabathembekile bakho.


Hubelani uNkulunkulu, nidumise igama lakhe, lowo ogibela amafu, nimenzele indlela, igama lakhe nguSimakade, yethabani phambi kwakhe.


Kepha mina ngiyakumemezela ngakho kuze kube phakade, ngidumise uNkulunkulu kaJakobe.


Ngokuba uSimakade unguNkulunkulu omkhulu, uyiNkosi enkulu ngaphezu konkulunkulu bonke.


Mhubeleni uSimakade, nibonge igama lakhe, nimemezele insindiso yakhe imihla ngemihla.


Ngokuba uSimakade ungumehluleli wethu, uSimakade usishayela imithetho, uSimakade uyinkosi yethu; Yena uyokusisindisa.


USimakade uyakungisindisa; ngalokho siyakucula sisine zonke izinsuku zokuhamba kwethu endlini kaSimakade.


Manje-ke, mina Nebukhadinezari ngiyatusa, ngiyaphakamisa, ngidumisa iNkosi yezulu, ngokuba yonke imisebenzi yayo iyiqiniso, nezindlela zayo zingubulungiswa; inamandla okubathobisa abahamba ngokuzidla.


“Makaqalekiswe oyiqili, okukhona iduna emhlanjini wakhe, afunge, ahlabele iNkosi okunesici, ngokuba ngiyinkosi enkulu, negama lami liyesabeka phakathi kwezizwe,” kusho uSimakade Wamabandla.


“INkosi iyakuthi kwabangakwesokunene sayo: ‘Zanini nina enibusiswe nguBaba, nidle ifa lombuso eniwulungiselweyo, selokhu kwasekelwa umhlaba.


Engutsheni yakhe nasethangeni lakhe kulotshwe igama elithi: INKOSI YAMAKHOSI NOMBUSI WABABUSI.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka