Kepha bonke abangenamsebenzi walutho bayakuba njengameva alahliweyo, ngokuba angephathwe ngesandla.
AmaHubo 118:12 - IsiZulu 2020 Zingibunganyele njengezinyosi, zizocinywa njengomlilo wameva; egameni likaSimakade ngizozibhubhisa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bayangibunganyela njengezinyosi, bacimeka njengomlilo wameva; egameni likaJehova ngiyakubachitha. Contemporary Zulu Bible 2024 Zangihaqa njengezinyosi; bayacinywa njengomlilo wameva, ngokuba ngegama likaJehova ngiyakubabhubhisa. |
Kepha bonke abangenamsebenzi walutho bayakuba njengameva alahliweyo, ngokuba angephathwe ngesandla.
USimakade makakuphendule ngosuku lwenhlupheko. Igama likaNkulunkulu kaJakobe malikuvikele.
Sihlokome, sihalalise ngokunqoba kwakho, siphakamise ibhanela egameni likaNkulunkulu wethu. USimakade makaphumelelise konke okucelayo.
Amabhodwe enu engakakuzweli ukushisa kwezinkuni zameva, uyakuziphephula, noma ziluhlaza, noma zivutha.
Njengomsindo wokusha kwameva phansi kwebhodwe, kunjalo ukuhleka kweziwula. Nalokho kuyize.
Angisithukutheleli. Uma singivezela ameva namakhakhasi, ngizolwa nawo ngiwashise.
Abantu bayosha njengokusha komcako, nanjengameva agawuliweyo; bayoshiswa ngomlilo.”
Lapho bethandela njengameva, isiphuzo sabo sifana nesezidakwa, bayakuqothulwa njengenswani eyomileyo.
Abakwa-Amori ababehlala kwelezintaba baphuma banihlasela, banixosha kuhle kwezinyosi, baninqoba eSeyiri, kwaze kwaba seHorma.
UDavide wayesethi kumFilisti: “Wena uza kimi nenkemba, umkhonto nengcula, kodwa mina ngiza kuwe ngegama likaSimakade Wamabandla, uNkulunkulu wempi ka-Israyeli oyeyisileyo.