Ngiyakumisa isivumelwano esiphakade phakathi kwami nawe, nezizukulwane zakho, ngibe nguNkulunkulu wakho nowazo.
AmaHubo 112:2 - IsiZulu 2020 Abozalo lwakhe bayakuba namandla emhlabeni, isizukulwane sabaqotho siyakubusiswa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Inzalo yakhe iyakuba namandla emhlabeni; isizukulwane sabaqotho siyakubusiswa. Contemporary Zulu Bible 2024 Inzalo yakhe izakuba lamandla emhlabeni; isizukulwane sabaqotho siyakubusiswa. |
Ngiyakumisa isivumelwano esiphakade phakathi kwami nawe, nezizukulwane zakho, ngibe nguNkulunkulu wakho nowazo.
Esefile u-Abhrahama, uNkulunkulu wayibusisa indodana yakhe u-Isaka. U-Isaka wakha e-Ebheri Lahayi Royi.
Abantwana bezinceku zakho bayakuhlala, izizukulwane zabo ziyovikeleka phambi kwakho.”
Impela omubi akayukuyekwa angajeziswa, kodwa isizukulwane sabalungileyo siyakuhlengwa.
Olungileyo ushiyela abantwana babantwana bakhe ifa, kepha ingcebo yesoni ibekelelwa olungileyo.
ngiyakubanika nhliziyonye nandlelanye, ukuba bangesabe zonke izinsuku, kube kuhle kubo nakubantwana babo emva kwabo.
Ngokuba isithembiso singesenu nesabantwana benu, futhi singesabo bonke abakude, bonke iNkosi uNkulunkulu wethu eyakubabiza.”