Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 25:13 - IsiZulu 2020

13 Uyophumelela njalo, nezizukulwane zakhe ziyoba yizindlalifa zezwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Umphefumulo wakhe uzakuhlala ngokwenama, inzalo yakhe iyakuzuza izwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Umphefumulo wakhe uyakuhlala ngokuthula; nenzalo yakhe iyakudla ifa lomhlaba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 25:13
32 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Abozalo lwakhe bayakuba namandla emhlabeni, isizukulwane sabaqotho siyakubusiswa.


Yeka ubukhulu bomusa wakho, owulondele labo abakwesabayo, owenzele labo ababalekela kuwe phambi kwabantu.


Bazitika ngokumtoti okusendlini yakho, ubaphuzise emfuleni wokuthokoza kwakho.


Kepha abathobekileyo bazokudla ifa lezwe, bathokozele ukuthula okukhulu.


Ababusisileyo bazodla ifa lomhlaba; abaqalekisileyo babhubhe.


Uphana, atshelekise ekhululekile, nozalo lwakhe luyisibusiso.


Abalungileyo bazokudla ifa lomhlaba, bahlale kuwo ingunaphakade.


Lindela uSimakade, ugcine indlela yakhe, Yena uzokuphakamisa udle ifa lomhlaba, uyobona lapho sebebhujiswa ababi.


Ngokuba ababi bayobhujiswa, kodwa labo abalindela uSimakade ngesineke, bayodla ifa lomhlaba.


Umphefumulo wami uyosutha kube sengathi usuthiswe ngamanoni namafutha, umlomo wami ukudumise ngezindebe ezethabayo,


Abantwana bezinceku zakhe bazolidla libe yifa labo, nalabo abathanda igama lakhe bazohlala kulo.


Kodwa lowo ongilalelayo uyohlala ephephile, angabi naluvalo lokwehlelwa ngokubi.”


Ukumesaba uSimakade kuholela ekuphileni; onakho uhlala enelisiwe, akehlelwa ngokubi.


Olungileyo uhamba ngobuqotho; babusisiwe abantwana bakhe.


Ukwesaba abantu ngukuzibekela ugibe, kepha owethemba uSimakade uyalondeka.


Abayukushikashikela ize, noma bazale izingane bezizalela ukuhlupheka, ngokuba bayizizukulwane zababusisiweyo bakaSimakade, kanjalo nabantwana babo.


ngiyakubanika nhliziyonye nandlelanye, ukuba bangesabe zonke izinsuku, kube kuhle kubo nakubantwana babo emva kwabo.


USimakade uNkulunkulu wakho unawe, iqhawe eliyakukunqobisa. Uyakukujabulela kakhulu wena, athule othandweni lwakhe, akuthokozele ngokuhlokoma kwentokozo.”


Laze labusiseka bo! Yeka ubuhle balo! Okusanhlamvu newayini kuyokwenza izinsizwa nezintombi babe yimiqemane.


Babusisiwe abamnene, ngokuba bayakudla ifa lomhlaba.


Ngokuba isithembiso singesenu nesabantwana benu, futhi singesabo bonke abakude, bonke iNkosi uNkulunkulu wethu eyakubabiza.”


“NgoBhenjamini wathi: ‘Othandiweyo kaSimakade uyakuhlala elondwa nguye; uyamsibekela usuku lonke, ahlale phakathi kwamahlombe akhe.’


UNkulunkulu wami uyakunabela konke enikudingayo ngokwengcebo yakhe ekukhazimuleni kuKhristu uJesu.


Umbhalo uthi: “Lowo othanda ukuphila nokubona izinsuku ezinhle makanqande ulimi lwakhe kokubi, nezindebe zakhe zingakhulumi inkohliso.


Kepha thina njengokwesithembiso sakhe, silindele amazulu amasha nomhlaba omusha, okukhona kuwo ukulunga.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka