Uma Yena ethula, ngubani ongamsola na? Uma efihla ubuso bakhe, ngubani ongambona na? Ubusa isizwe nomuntu ngokufanayo,
AmaHubo 102:2 - IsiZulu 2020 Ungangifihleli ubuso bakho ngosuku losizi lwami; beka indlebe yakho kimi, ngosuku engikumemeza ngalo, usheshe ungiphendule. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ungafihli ubuso bakho kimi ngosuku losizi lwami; beka indlebe yakho kimi, ngosuku engimemeza ngalo usheshe ungiphendule. Contemporary Zulu Bible 2024 Ungangifihleli ubuso bakho ngosuku lokuhlupheka kwami; beka indlebe yakho kimi; ngosuku engibiza ngalo, ungiphendule masinyane. |
Uma Yena ethula, ngubani ongamsola na? Uma efihla ubuso bakhe, ngubani ongambona na? Ubusa isizwe nomuntu ngokufanayo,
Awusithetheleli ngani isiphambeko sami, ususe isono sami na? Ngokuba manje ngiyakulala phansi othulini, uyakungifuna, kepha angiyukuba bikho.”
Uyasitheza ubuso bakho, zethuke, uyasusa umphefumulo wazo, zife, zibuyele othulini lwazo.
Simakade, kuyoze kube nini ungikhohliwe unomphela na? Kuyoze kube nini ungifihlela ubuso bakho na?
Simakade, shesha ungiphendule, umphefumulo wami udangele, ungangifihleli ubuso bakho, funa ngifane nabashona egodini.
Ake ulalele udaba lwami, Simakade, ulalele ukukhala kwami, ubeke indlebe yakho emkhulekweni wami ophuma emlonyeni ongenankohliso.
Ungabufihli ubuso bakho kimi. Ungayixoshi inceku yakho ngentukuthelo; Wena uwusizo lwami, uze ungangilahli, ungangishiyi, Nkulunkulu wensindiso yami.
Indlebe yakho ibeke kimi, ungikhulule ngokushesha. Yiba yidwala lokuphephela kimi, inqaba eqinileyo engikhosela kuyo.
Ungayifihleli ubuso bakho inceku yakho, ngokuba ngikhathazekile, phuthuma ungiphendule.
Ngokulunga kwakho ngikhulule, ungihlenge; beka indlebe yakho kimi, ungisindise.
Sekwedlule izinsuku eziningi, inkosi yaseGibhithe yakhothama. Abantu bakwa-Israyeli babubula ngenxa yokucindezelwa, bakhala benxusa, ukukhala kwabo kwafinyelela kuNkulunkulu.
UNkulunkulu wakuzwa ukububula kwabo, wayesesikhumbula isivumelwano ayesenze no-Abhrahama, no-Isaka, noJakobe.
Uma udabula emanzini, Mina ngiyokuba nawe, nemifula ayiyukukukhukhula; nalapho udabula emlilweni, awuyukusha; ilangabi aliyukukushisa.
Ngiyokumlindela uSimakade ositheze ubuso bakhe kuyo indlu kaJakobe, ngimlindele ngokwethemba.
Anifikelwanga ngukulingwa okungenjengokwamuntu, kodwa uNkulunkulu uthembekile, akayukuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu. Kepha kuyakuthi lapho nilingwa, anenze nibe namandla okuphunyuka, nibe namandla okubekezela.