“ ‘Uma nivuna isivuno sezwe lakini, awuyukuvuna konke emagunjini ensimu yakho, noma ucoshe ngisho okuwe phansi ensimini yakho.
AbAhluleli 8:2 - IsiZulu 2020 Wathi kubo: “Ngenzeni mina manje okungaqhathaniswa nokwenziwe yini, na? Ngabe ukuvunwa kwamagilebhisi kwakwa-Efrayimi akungcono yini kunewayini elisha lakwa-Abhiyezeri, na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wathi kubo: “Ngenzeni mina, uma kulinganiswa nokwenu na? Ukukhothoza kwabakwa-Efrayimi akukuhle yini kunokuvuna umvini kwama-Abiyezeri na? Contemporary Zulu Bible 2024 Wathi kubo: “Ngenzeni manje uma kuqhathaniswa nani na?” Ulibo lwezithelo zomvini zakwa-Efrayimi alungcono yini kunokuvuna umvini wase-Abiyezeri na? |
“ ‘Uma nivuna isivuno sezwe lakini, awuyukuvuna konke emagunjini ensimu yakho, noma ucoshe ngisho okuwe phansi ensimini yakho.
Abozalo lukaGileyadi yilaba: ku-Iyezeri: ngumndeni wabakwa-Iyezeri; kuHeleki: ngumndeni wabakwaHeleki;
Ingelosi kaSimakade yafika e-Ofira yahlala phansi komu-okhi, owawungokaJowashi umAbhiyezeri, ngesikhathi indodana yakhe, uGideyoni, ibhula ukolo esikhamweni sewayini, ukuze iwufihlele abakwaMidiyani.
UMoya kaSimakade wehlela kuGideyoni, washaya icilongo, ama-Abhiyezeri abuthana, amlandela.
Abakwa-Efrayimi base bethi kuGideyoni: “Ukwenzeleni lokhu kithi, ukuba ungasibizi uma uyolwa nabakwaMidiyani, na?” Bamthethisa kakhulu.
UNkulunkulu unikele esandleni senu abakhuzi bempi yakwaMidiyani, u-Orebhi noZebhi; yini engiyenzile engaqhathaniswa nenikwenzile, na?” Lapho esho lokhu, ulaka lwabo lwabohla.