Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 8:3 - IsiZulu 2020

3 UNkulunkulu unikele esandleni senu abakhuzi bempi yakwaMidiyani, u-Orebhi noZebhi; yini engiyenzile engaqhathaniswa nenikwenzile, na?” Lapho esho lokhu, ulaka lwabo lwabohla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 UNkulunkulu unikele esandleni senu izikhulu zakwaMidiyani, o-Orebi noZebi; mina benginamandla okwenzani, uma kulinganiswa nokwenu, na?” Kwase kubohla ukuthukuthela kwabo ngaye, eseshilo lokho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 UNkulunkulu wanikela izikhulu zakwaMidiyani, o-Orebi noZebi esandleni senu; futhi ngingenzani uma ngiqhathaniswa nawe? Intukuthelo yabo yehla kuye lapho esho lokhu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 8:3
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ayingabi kithina Simakade, ayingabi kithina, kodwa yinike igama lakho inkazimulo, ngenxa yomusa wakho neqiniso lakho.


Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo, nengalo yabo ayibasindisanga, kodwa kwaba yisandla sakho sokunene nengalo yakho, nokukhanya kobukhona bakho, ngokuba wethaba ngabo.


Impendulo ezothile iyaludambisa ulaka, kodwa izwi elilimazayo libhebhezela intukuthelo.


Owephuza ukuthukuthela ungcono kuneqhawe, nobusa umoya wakhe, kunonqoba umuzi.


Izwi elikhulunywe ngesikhathi esifaneleyo lifana namahhabhula egolide asezitsheni zesiliva.


Ngokubekezela, umbusi angathanjiswa, nolimi oluthambileyo luyawaphoqoza amathambo.


Ngokuba kulokhu liqinisile izwi elithi: ‘Omunye uyahlwanyela, omunye avune.’


Ngokuba ngomusa engiwuphiweyo ngithi kulowo nalowo kini akangazicabangi ukuthi mkhulu, kunalokho afanele ukukucabanga; kodwa acabange kube ngokuqonda, njengalokhu uNkulunkulu abele yilowo nalowo isilinganiso sokukholwa.


Sinezipho zomusa ezahlukeneyo ngokomusa esiwuphiweyo: uma kungesokuphrofetha, asiphrofethe ngesilinganiso sokukholwa.


Ningenzi lutho ngombango nangokuziphakamisa okuyize, kodwa ngokuzithoba, nazise abanye ngokungathi bakhulu kunani.


Wathi kubo: “Ngenzeni mina manje okungaqhathaniswa nokwenziwe yini, na? Ngabe ukuvunwa kwamagilebhisi kwakwa-Efrayimi akungcono yini kunewayini elisha lakwa-Abhiyezeri, na?


UGideyoni wafika eJordani waliwela namadoda angama-300 ayehamba nawo, bekhathele futhi befile yindlala.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka