Sezedlule lezo zinto uNkulunkulu wamvivinya u-Abhrahama, wathi kuye: “Abhrahama!” Yena wathi: “Ngilapha.”
AbAhluleli 7:4 - IsiZulu 2020 USimakade wathi kuGideyoni: “Abantu basebaningi kakhulu, yehla nabo uye emanzini, ngizokuvivinyela bona lapho. Uma ngithi: ‘Lona uzohamba nawe,’ uzohamba nawe; uma ngithi: ‘Lona akazukuhamba nawe,’ akayukuhamba.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova wathi kuGideyoni: “Abantu base baningi; behlisele ngasemanzini, ngikulingele bona khona; kuyakuthi lowo engizakusho ngaye kuwe ukuthi: ‘Lo uzakuhamba nawe,’ yena ahambe nawe; nalowo engizakusho ngaye kuwe ukuthi: ‘Lo akayikuhamba nawe,’ yena akayikuhamba.” Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova wathi kuGideyoni: “Abantu basebaningi kakhulu; behlisele emanzini, ngikuvivinye khona. Futhi noma ubani engizothi kini kuwe: Akuyikuhamba nawe, makangahambi. |
Sezedlule lezo zinto uNkulunkulu wamvivinya u-Abhrahama, wathi kuye: “Abhrahama!” Yena wathi: “Ngilapha.”
Inkosi ayisindiswa wubuningi bempi yayo; iqhawe alikhululwa ngamandla alo amakhulu.
Ngokuba Wena, Nkulunkulu, usivivinyile, wasihlanza njengalokhu kuhlanzwa isiliva.
Makuphele ukonakala kwababi, kodwa simamisa abalungileyo, wena ohlolisisa izinhliziyo nezinso, Nkulunkulu olungileyo.
Wehlela ngasemanzini namabutho; uSimakade wathi kuGideyoni: “Bonke labo abaxhapha amanzi ngolimi njengokuxhapha kwenja, bamise nganhlanye; nabo bonke labo abaguqa ngamadolo ukuba baphuze bebeka izandla emilonyeni yabo, nabo bamise nganhlanye.”
UJonathani wathi odibini lwakhe: “Woza siwelele ngaphesheya, siye ebuthweni labangasokile, mhlawumbe uSimakade uzosisiza, ngokuba akukho okungamthiya ukuba asindise, kungaba ngabaningi noma ngabayingcosana.”
Kepha uSimakade wathi kuSamuweli: “Ungabheki isigubo sakhe nobude bakhe, ngokuba ngimalile, lokhu uSimakade engabuki njengomuntu; umuntu ubheka okusemehlweni, kodwa uSimakade ubheka okusenhliziyweni.”