Kwathi ebusuku u-Abhrama wawehlukanisa phakathi amadoda ayehamba nawo, ayithelekela nxazonke eyezitha; ayidudula aze ayithela eHobha enyakatho neDamaseku.
AbAhluleli 7:16 - IsiZulu 2020 Emveni kokuba amadoda angama-300 esewehlukanise amaviyo amathathu, wawanikeza amacilongo ezandleni zawo, nezitsha ezingenalutho nezihlonti phakathi ezitsheni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wahlukanisela amadoda angamakhulu amathathu izigaba ezintathu, wawanika, kwaba yileyo naleyo amacilongo ezandleni zawo, nezitsha ezingenalutho, nezimbaqa zisezitsheni. Contemporary Zulu Bible 2024 Wasehlukanisa abantu abangamakhulu amathathu aba izingxenye ezintathu, wabeka icilongo esandleni ngasinye, nezimbiza ezingenalutho nezibani phakathi kwezimbiza. |
Kwathi ebusuku u-Abhrama wawehlukanisa phakathi amadoda ayehamba nawo, ayithelekela nxazonke eyezitha; ayidudula aze ayithela eHobha enyakatho neDamaseku.
UDavide wabehlukanisa amaqembu amathathu: elokuqala laliphethwe nguJowabe, elesibili liholwa ngu-Abhishayi, indodana kaZeruya, umfowabo kaJowabe, elokugcina liphethwe ngu-Ithayi, umGithi. Inkosi yathi kubantu: “Nami impela ngizophuma nani.”
Kepha le ngcebo sinayo ezitsheni zebumba, ukuze ubukhulu bamandla obukhulu kakhulu bube ngobukaNkulunkulu, hhayi obuvela kithi.
Lapho uGideyoni elizwa iphupho nencazelo yalo, wakhuleka, wayesebuyela enkanjini yakwa-Israyeli, wafike wathi: “Vukani, ngokuba uSimakade uyinikele esandleni senu impi yakwaMidiyani.”
Wathi kuwo: “Bhekani mina, nenze njengami uma ngifika emaphethelweni enkambu, nenze njengoba ngenza.
Ngakusasa uSawule wabahlela abantu wabamisa izigaba ezintathu. Bangena enkanjini yakwa-Amoni ekuthatheni kokusa, babulala abakwa-Amoni laze laphakama ilanga. Abasalayo basakazeka bagcwala iziganga, akusalanga kubo ababili bendawonye.