Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 14:15 - IsiZulu 2020

15 Kwathi ebusuku u-Abhrama wawehlukanisa phakathi amadoda ayehamba nawo, ayithelekela nxazonke eyezitha; ayidudula aze ayithela eHobha enyakatho neDamaseku.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Wazahlukanisa ebusuku izinceku zakhe, wabahlasela, wabanqoba, wabaxosha, waze wafika eHoba elingasenyakatho kwaseDamaseku.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Wabahlukanisela ebusuku, yena nezinceku zakhe, wabanqoba, wabaxosha kwaze kwaba seHoba elingakwesokhohlo saseDamaseku.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 14:15
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Abhrama waphendula wathi: “Nkosi Simakade, uzonginikani njengoba ngingenamntwana nje? Ngisho nefa lami imbala lizodliwa ngu-Eliyezeri waseDamaseku.”


U-Asa wathatha lonke isiliva negolide elalisele engcebeni yendlu kaSimakade nengcebo yesigodlo senkosi, wakunika izinceku zakhe, wayesezithumela kuBheni Hadadi, indodana kaThabhirimoni kaHeziyoni, inkosi yase-Aramu, owayehlala eDamaseku, wathi:


Umuntu omuhle unomusa, uyatshelekisa, izindaba zakhe uzisingatha ngobulungiswa.


Isiphrofetho ngeDamaseku. “Yazini ukuthi iDamaseku liyoshatshalaliswa, lingabe lisaba ngumuzi, libe yinxiwa nencithakalo.


ngokuba inhloko ye-Aramu yiDamaseku, inhloko yeDamaseku nguRezini; ingakapheli iminyaka engamashumi ayisithupha nanhlanu u-Efrayimi uyobe esehlakaziwe, engasesona ngisho isizwe.


Mayelana neDamaseku. “IHamathi ne-Ariphadi kujabhile, kwaphela amandla, ngokuba kuzwe izindaba ezimbi, kukhathazekile njengolwandle, olungenakuthula.


“ ‘AbaseDamaseku babengabathengi bakho, ngenxa yobuningi bomkhiqizo wakho, nangawo wonke umcebo wakho, bona babekuhwebela ngewayini laseHelibhoni noboya obumhlophe.


eHamathi, eBherotha, eSibhirayimi ephakathi komngcele eDamaseku naseHamathi, kuze kube seHazeri Hathikhoni eliwumngcele ongaseHawurana.


Kwakukhona eDamaseku umfundi othile, igama lakhe kungu-Ananiya. INkosi yakhuluma kuye ngombono, yathi: “Ananiya!” Yena wathi: “Ngilapha, Nkosi.”


wacela kuye izincwadi zokuya eDamaseku emasinagogeni, ukuze kuthi uma efumana abantu baleyo Ndlela, abesilisa nabesifazane, abayise eJerusalema beboshiwe.


USawula wayesevuka phansi, kepha kuthe evula amehlo akaze abona lutho. Base bembamba ngesandla, bamyisa eDamaseku.


Nansi indlela eniyolwenza ngayo: yilowo nalowo otsheleka umakhelwane noma umfowabo okuthile, uyokuyeka angabe esakubiza kuye, ngokuba kuyobe sekumenyezelwe uyekelelo lukaSimakade.


Emveni kokuba amadoda angama-300 esewehlukanise amaviyo amathathu, wawanikeza amacilongo ezandleni zawo, nezitsha ezingenalutho nezihlonti phakathi ezitsheni.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka