waziyala wathi: “Niyakuthi ku-Esawu inkosi yami: ‘Ithi inceku yakho uJakobe: bengigogobele kwaLabani angaze ngashesha ukubuya kuze kube manje.
AbAhluleli 5:4 - IsiZulu 2020 “Simakade lapho uphuma eSeyiri, uphuma esifundeni kwa-Edomi umhlaba wazamazama namazulu ayithulula, amafu athulula amanzi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Jehova, ekuphumeni kwakho eSeyiri, ekusukeni kwakho ezweni lakwa-Edomi umhlaba wazamazama, namazulu aconsa, yebo, amafu aconsa amanzi. Contemporary Zulu Bible 2024 Jehova, ekuphumeni kwakho eSeyiri, ekukhuphukeni kwakho ezweni lakwa-Edomi, umhlaba wazamazama, nezulu laconsa, namafu aconsa amanzi. |
waziyala wathi: “Niyakuthi ku-Esawu inkosi yami: ‘Ithi inceku yakho uJakobe: bengigogobele kwaLabani angaze ngashesha ukubuya kuze kube manje.
“Umhlaba wawusuzamazama, wandindizela; izisekelo zezulu zathuthumela, zaqhaqhazela, ngokuba ethukuthele.
Izwi lokuduma kwakho lisesiphephweni, imibani yakhanyisa izwe, umhlaba wandindizela, wazamazama.
Izintaba ziyakuncibilika phansi kwakhe, izigodi ziqhekezeke njengengcina phambi komlilo, nanjengamanzi ethelwa emehlelweni.
wathi: “USimakade weza evela eSinayi, wabakhanyisela evela eSeyiri, wakhazimula entabeni iPharanu. Weza nezigidi zabangcwele; ebaphathele umthetho ovuthayo esandleni sakhe sokunene.
Ozwi lakhe lanyakazisa umhlaba ngaleso sikhathi, kodwa manje wethembisile, wathi: “Ngisazophinda ngizamazamise, hhayi umhlaba kuphela, kodwa nezulu ngokunjalo.”