Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJobe 9:6 - IsiZulu 2020

6 ozamazamisa umhlaba usuke endaweni yawo, kuthuthumele izinsika zawo,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 ozamazamisa umhlaba usuke endaweni yawo, kuthuthumele izinsika zawo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Owenza umhlaba unyakaze usuke endaweni yawo, zithuthumele izinsika zawo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJobe 9:6
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Izinsika zezulu ziyathuthumela, zethuswa ngukukhuza kwakhe.


Ninani zintaba ukuba nitshekule njengezinqama, nani magquma, njengamawundlu na?


Thuthumela, mhlaba, phambi kweNkosi, phambi kukaNkulunkulu kaJakobe.


Umhlaba uyancibilika nabo bonke abakhe kuwo; Mina ngizimisile izinsika zawo.” Sela


Abantu bayongena emigedeni esemadwaleni, nasemigodini emhlabathini, bebalekela ukwesabeka kukaSimakade nenkazimulo yobukhosi bakhe, lapho ephakama ukuthuthumelisa umhlaba.


Bayongena emihumeni esemadwaleni nasemifantwini yamawa, bebalekela ukwesabeka kukaSimakade nenkazimulo yobukhosi bakhe, lapho ekhuphuka ukuthuthumelisa umhlaba.


Manje uSimakade usezowenza incithakalo umhlaba, ube yize, agumbuqele ubuso bawo, ahlakaze abakhileyo kuwo.


Ngabuka izintaba, bheka, zazamazama, namagquma wonke anyakaza.


Umhlaba uyazamazama phambi kwabo, isibhakabhaka sithuthumele phambi kwabo. Ilanga nenyanga kuyakubamnyama bhuqe, nezinkanyezi zigodle ukukhanya kwazo.


“Tshela uZerubhabhele umbusi wakwaJuda, uthi: ‘Ngizonyakazisa amazulu nomhlaba,


“Ngokuba usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Sekuzokuba ngumzuzwana nje bese ngizamazamisa izulu nomhlaba, ulwandle nomhlabathi owomileyo.’


Ozwi lakhe lanyakazisa umhlaba ngaleso sikhathi, kodwa manje wethembisile, wathi: “Ngisazophinda ngizamazamise, hhayi umhlaba kuphela, kodwa nezulu ngokunjalo.”


Ngase ngibona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nohleli kuso; obuso bakhe babalekelwa yizulu nomhlaba, akwatholelwa ndawo.


Uyamvusa ompofu othulini, uyayiphakamisa impabanga ezaleni, abahlalise nezikhulu, badle ifa lesihlalo sobukhosi, ngokuba izisekelo zomhlaba zingezikaSimakade; ubekile izwe phezu kwazo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka