Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AbAhluleli 4:9 - IsiZulu 2020

UDebhora wathi: “Ngizohamba nawe, kodwa-ke indlela oyithathayo manje ayizukukunika udumo, ngokuba uSimakade uyomnikela uSisera esandleni sowesifazane.” UDebhora wasukuma, wahamba noBharaki, baya eKedeshi.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Wathi kuye: “Impela ngiyakuhamba nawe, kodwa indlela oyakuhamba ngayo ayiyikuba ngeyodumo lwakho, ngokuba uJehova uyakumthengisa uSisera esandleni sowesifazane.” Wayesesuka uDebora, wahamba noBaraki, baya eKedeshi.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Wathi: “Impela ngiyakuhamba nawe; ngoba uJehova uzathengisa uSisera esandleni sowesifazana. UDebora waqeda, wahamba noBaraki eKedeshi.

Uka jalj uñjjattʼäta



AbAhluleli 4:9
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bamelana nenkosi u-Uziya, bathi kuyo: “Awufanele ngokwakho, Uziya, ukushisela uSimakade impepho; lokho kungokwabaphristi, abangamadodana ka-Aroni, abangcweliselwe ukushisa impepho. Phuma endaweni engcwele, ngokuba wenze okubi; awuyukufumana ludumo oluvela kuSimakade uNkulunkulu.”


Intukuthelo kaSimakade yamvuthela u-Israyeli, wayesebanikela kubaphangi, babaphanga, wabathengisa emandleni ezitha ezazibazungezile, ababe besakwazi ukumelana nazo.


UBharaki wathi kuye: “Uma uhamba nami, ngizokuya, kodwa uma ungahambi nami, ngeke ngihambe.”


Kepha owesifazane othile wawisela itshe ekhanda lika-Abhimelekhi, lamphohloza ikhanda.


Masinyane wabiza insizwa eyayiwudibi lwakhe, wathi kuyo: “Hosha inkemba yakho, ungibulale ukuze abantu bangathi ngami: ‘Wabulawa ngowesifazane.’ ” Insizwa yamgwaza wafa.


“Ngakho-ke uSimakade uNkulunkulu wakho, uthi: ‘Impela ngasho ukuthi indlu yakho nekayihlo ziyongena ziphume ebukhoneni bami kuze kube phakade.