AbAhluleli 4:3 - IsiZulu 2020 Abantu bakwa-Israyeli base bekhala kuSimakade becela usizo, ngokuba uJabhini wayenezinqola zempi ezenziwe ngensimbi ezingama-900. Wayebacindezele, ebaphethe ngonya olukhulu abakwa-Israyeli, iminyaka engama-20. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abantwana bakwa-Israyeli bakhala kuJehova, ngokuba wayenezinqola ezingamakhulu ayisishiyagalolunye zensimbi; wacindezela kakhulu abantwana bakwa-Israyeli iminyaka engamashumi amabili. Contemporary Zulu Bible 2024 Abantwana bakwa-Israyeli bakhuleka kuJehova, ngokuba wayenezinqola zensimbi ezingamakhulu ayisishiyagalolunye; iminyaka engamashumi amabili wabacindezela kakhulu abantwana bakwa-Israyeli. |
Sekwedlule izinsuku eziningi, inkosi yaseGibhithe yakhothama. Abantu bakwa-Israyeli babubula ngenxa yokucindezelwa, bakhala benxusa, ukukhala kwabo kwafinyelela kuNkulunkulu.
Uyophuphutheka emini njengempumputhe iphuphutheka ebumnyameni. Awuyukuphumelela ezindleleni zakho, uyakucindezelwa kuphela, uphangwe; akuyukuba bikho muntu oyokuhlenga.
Izithelo zomhlabathi wakho nawo wonke umphumela wokusebenza kwakho, kuyodliwa yisizwe ongasaziyo, wena ucindezelwe kuphela, uchotshozwe nsuku zonke.
Abozalo lukaJosefa bathi: “Elezintaba alisanele, kodwa wonke amaKhanani ahlala emathafeni anezinqola zensimbi, lawo aseBhethi Sheyani nemizana yalo, nalawo asesigodini iJizreyeli.”
USimakade wayenoJuda, walinqoba elezintaba, kodwa akakwazanga ukuxosha izakhamuzi zasemathafeni, ngokuba zazinezinqola zensimbi.
Abakwa-Israyeli base bekhala kuSimakade, bathi: “Sonile kuwe, ngokuba simshiyile uNkulunkulu wethu, sayokhonza oBhali.”
Base besusa onkulunkulu babezizwe ababephakathi kwabo, bakhonza uSimakade; akakwazanga ukukubekezelela ukubona u-Israyeli ehlupheka.
Lapho abantu bakwa-Israyeli bekhala kuSimakade, uSimakade wabavusela omunye umkhululi, u-Ehudi indodana kaGera wakwaBhenjamini, owayeyinxele. Abakwa-Israyeli bathumela umnikelo enkosini u-Egiloni wakwaMowabi ngesandla sika-Ehudi.
Kodwa lapho abantu bakwa-Israyeli bekhala kuSimakade, wabavusela umkhululi abakwa-Israyeli, owabakhulula, u-Othiniyeli indodana kaKhenazi, umnawabo kaKhalebhu.
uSisera waqoqa zonke izinqola zakhe zempi, izinqola zensimbi ezingama-900 nawo wonke amabutho ayenawo, basuka eHaroshethi labezizwe baya emfudlaneni iKhishoni.
Ngaleso sikhathi uDebhora umphrofethikazi, umkaLaphidothi, wayengumehluleli kwa-Israyeli.
Bakhetha onkulunkulu abasha, kwase kuba khona impi emasangweni. Phakathi kwezinkulungwane ezingamashumi amane kwa-Israyeli, ukhona yini owake waphatha isihlangu nomkhonto, na?
Ngakho-ke abakwa-Israyeli babengenalutho ngenxa yabakwaMidiyani, base bekhala abantu bakwa-Israyeli kuSimakade, bacela usizo.
Abantu bakwa-Israyeli bathi kuSamuweli: “Ungayeki ukusikhalela kuSimakade uNkulunkulu wethu ukuba asisindise esandleni samaFilisti.”